UHLU lwabazonandisa ethendeni elibhekwe ngabomvu ngabathandi bomnandi
KUVUNGAME izinkundla zokuxhumana kuvela ithende eliphethe izintandokazi kwezokungcebeleka koweHollywoodbets Durban July.
Abaningi bazi ukuthi iPlatinum Belt Lounge and Restaurant yindawo yokudlela nokuphumula eseMhlanga, enyakatho neTheku, ethandwa kakhulu ngokudla kwakhona okuhlanganisa okwesintu kwakuleli nokwasentshonalanga.
Awubuzi uma ungena kule ndawo, ubona ngobuhle nobukhazikhazi okugqamisa izinga layo nohlobo lwamakhasimende ahambela kuyo.
Yilokhu kanye okwenze abantu bavula amehlo bezwa izindaba zokuthi le ndawo izoba nethende layo emcimbini obhekwe ngabomvu wamahhashi ozoba ngoJulayi 1.
Ukuvela kwezingqwembe eziqinisekisa ithende layo kanjalo nosaziwayo abazoba yingxenye yalo sekwenze abantu bahluleka nokuzibamba yinjabulo nokuthakasela usuku olukhulu.
Ubani owayengacabanga ukuthi uDJ Fresh, owaziwa kakhulu ngokudlala umculo oyi-electro, angahlanganyela nabeMarumba Pitch nentandokazi yasoKhahlamba, uSjava?
Uke wambona nje umyeni kaDJ Zinhle, uMurda Bongz, ukuthi wenzani esiteji uma edlala? Hhayi bo, uthini ngenkosi yamapiyano, uKabza de Small? Ikhona nentokazi yalapha ekhaya, uDJ Cndo, naye uthembisa ukudansisa abantu bakhohlwe yizinsizi zemihla ngemihla.
Related Topics: