Ezokungcebeleka

Unyelwe inyoni esandleni osanda kuchithwa Uzalo

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uNompilo Maphumulo maduze ozobonakala emidlalweni emikhulu kuleli njengoba ezoba yingxenye yeGenerations: The Legacy nomdlalo Ushaka-ilembe Isithombe: TWITTER

UZOBONAKALA emidlalweni emikhulu yakuleli uNompilo Maphumulo, ozakhele igama elingisa indawo kaNosipho emdlalweni Uzalo, agcine ukubonakala kuwona ekuqaleni kwenyanga edlule.

UNompilo kube nokukhala kubalandeli bomdlalo Uzalo kulandela izindaba zokuchithwa kwendawo abeyidlala kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kwiSABC1 ngo-8.30 ebusuku.

Inkampani exhumana nabezindaba ngokwenzeka kwiGenerations: The Legacy, iChristopher Morris iveze ukuthi uNompilo uzoqala ukubonakala kwiGenerations kusuka ngoJuni 13.

Le ntokazi yaKwaMashu izophinde ibonakale emdlalweni Ushaka-Ilembe ozoqala kuMzansi Magic ngoJuni 18.

KwiGenerations uzobe elingisa indawo kaNobuhle, okungowesifazane owazana kudala noMrekza (Kope Makgae).

Bamamukele ngezandla ezifudumele, futhi bakubheke ngabomvu ukuthi abantu bamamukele ngemfundumalo uma eseqala ukubonakala kulo mdlalo maduzane-nje.

“Indlela indawo yakhe eyiyona izokwenza abantu bamthande njengoba engowesifazane odonsa amehlo abantu abaningi uma efika endaweni,” kusho isitatimende.

Ekhasini lakhe kwi-Instagram uNompilo ubhale ngamafuphi ukuthi usewulindele ngabomvu uJuni 13, njengoba abalandeli bakhe bezomjabulela umuntu abazombona.

Kwenzeka lokhu nje, uNompilo ungomunye wabalingisi abazobonakala emdlalweni Ushaka-Ilembe, kuvela nezindaba zokuthi uzoba ngowesifazane ozobe esondelene kakhulu neNdlovukazi uNandi (Nomzamo Mbatha).

Ngisho ezikhangisweni zalo mdlalo olindelwe ngabomvu, uNompilo useqalile uyavela.

Isolezwe lizamile ukuxhumana naye, kodwa ucingo lwakhe belubanjwa owesilisa othe akekho eduzane naye.