Ezokungcebeleka

Badangele abalandeli kuhlehla elika-Ngizwe

Nokubongwa Phenyane|Published

KUBE khona imvunge kubalandeli bakaNgizwe Mchunu izolo ngesikhathi inkantolo iphinde ihlehlisa icala lakhe obekulindeleke ukuthi kuphume isinqumo kulo izolo Isithombe: SIGCINIWE

ABALANDELI bakaNgizwe Mchunu naye uqobo, abahambisani nesinqumo senkantolo sokuphinde kuhlele icala lakhe.

ABALANDELI bakaNgizwe Mchunu naye uqobo, abahambisani nesinqumo senkantolo sokuphinde kuhlehle icala lakhe.

U-Ngizwe owayengumsakazi emsakazweni UKhozi FM ubevele enkantolo yaseRandburg eGoli ngoLwesine obekulindeleke ikhiphe isinqumo ngamacala abhekene nawo athinta ukugqugquzela udlame emphakathini nokwephula imithetho eyayinqanda abantu abaningi ukuba bangahlanganyeli ndawonye ukugwema ukusabalala kwegciwane leCovid-19.

Leli cala bekulindeleke ukuthi ligoqwe kodwa inkantolo yaphinde yalihlehlisela ukuthi liphinde lihlale ngoJuni 5 noma 6.

U-Ngizwe usamile kwelokuthi umsulwa, futhi alikho icala okumele athweswe lona, kumele lithathwe njengento engekho ngoba ukholelwa ukuthi uboshelwe amanqina enyathi.

Uthi ukubeka umbono wakhe ngokuboshwa kukalowo owayenguMengameli weZwe uMnuz Jacob Zuma ngesikhathi eboshwa ngo-2021, akulona icala ngoba naye njengawo wonke umuntu unelungelo lokubeka umbono wakhe.

Ukuphinde kuhlehliswe icala lakhe kwenze uNgizwe abukeke engajabule ngokuhlehla kwalo njengoba ebebonakala ebhokisini lofakazi ebamba ikhanda, ebheka phansi kucaca ukuthi akajabule.

U-Ngizwe ongaphandle ngebheyili, ubephelezelwe abalandeli abebegcwele inkantolo, nabo abakhombise ukungenami ngokuhlehla kwecala.

Yize inkantolo ibayalele ukuba bangasusi umsindo ngoba inkantolo isenamanye amacala esawasebenza, baqhubekile nokuzwakalisa ukungenami kwabo.

Ithe iphuma imantshi abalandeli bakhe bagcwala inkantolo bezwakalisa ukungenami ngokungaqedwa kwaleli cala.