UZA eThekwini umcimbi owasungulwa wumrepha ongasekho, uRiky Rick, iCotton Fest, eza kuleli dolobha okokuqala Isithombe: SIGCINIWE
KULINDELEKE ukuthi kutheleke abaculi abahlukene ikakhulukazi be-hip-hop, emcimbini oza okokuqala eThekwini, iCotton Fest.
Le festiveli eyasungulwa ngumrepha ongasekho uRiky Rick ngo-2019, ngokujwayelekile, ihlelelwa eGoli kanti yake yasingathwa naseKapa.
EThekwini uzoba ngoJulayi, eKings Park Stadium-Outer Field.
Ekhuluma unkosikazi womrepha uBianca Naidoo, ngezinhlelo zokusingatha ifestiveli eThekwini, uthe ngeke ize nokwehlukile kuleli dolobha. Wathi kuzoba neziteji ezimbili abantu abazojabulela kuzo umculo kanjalo imfashini, ukudla nemidlalo ehlukene kuzobe kuthe chithi saka.
“Okwamanje ngeke sisho ukuthi yibaphi abaculi abazonandisa. Esingakuveza nje ukuthi kuzoba khona abaculi abadumile kuleli. ITheku liyidolobha eliqhakambisa futhi lixhase umculo wangaleso sikhathi. Ngakho siyajabula ukuthi ekugcineni sikwazi ukuletha lo mcimbi edolobheni ofana nekhaya kuwona.
“Ukuletha lo mcimbi eThekwini, kwakuyiphupho likaRiky njengoba sonke sazi ukuthi wazalelwa khona nokuyinto sonke njebahleli balo mcimbi ebesifisa ukuyenza yize yena engasekho,” kusho uBianca.
Uthe ukuletha kwabo abaculi abadumile yingoba bafuna ukushiya isikhumbuzo esingeke silibaleke kalula kubantu baseThekwini, futhi babungaze nempilo yomyeni wakhe.
Lo mcimbi uthe uzoqala ngo-12 emini uze uphele ngo-12 phakathi kwamabili.
Amathikithi uthe aseyatholakala eWebticket kusuka kuR150 kuya kuR300.