UBABES Wodumo ongomunye wezilomo ezizobe zishiyelana inkundla kumaMetro FM Music Awards namhlanje Isithombe: SIGCINIWE
SITHEMBISA into yamehlo isilomo somculo weGqom esiyingxenye yabaculi abazonandisa namhlanje ebusuku emcimbini wezindondo zeMetro FM, eMpumalanga.
UBabes Wodumo odabuka eLamontville, eThekwini, uthi yize eqashelwa imicimbi ehlukene masonto wonke kodwa umcimbi wanamhlanje wamaMetro FM Music Awards, oseMbombela Stadium, uwubheke ngabomvu.
"Senginesikhathi eside kade ngagcina ukuhambela umcimbi wezindondo. Lo mcimbi wehluke kakhulu kimi. Sengilangazelele konke osekwenzeka manje ngoba ngizobe nginandisa okokuqala ngaphandle kukamyeni wami," kusho uBabes Wodumo.
Eqhuba engxoxweni ekhethekile ehlelwe abeRMM Events, abangabagqugquzeli bomcimbi, uBabes Wodumo uthe yize kuzobe kuhlukile kodwa uyalijabulela leli thuba. Echaza ngeGqom uthe akaziboni ehlukana nalesi sigqi somculo.
"IGqom ligijima ngemithambo yegazi kimi ngiyindlovukazi yalo angisoze ngalishiya. Ngizosebenza nabanye abantu futhi ngiyazi kahle nento abantu abafuna ukuyizwa," kuchaza uBabes Wodumo.
Umculi uthe uyazi ukuthi sekwaba nezinguquko eziningi emkhakheni wezokungcebeleka kodwa konke sekumi ngomumo ohlangothini lwakhe ngalo mcimbi. Ngaphandle kwakhe bakhona nabanye abaculi abahlukene abazoshiyelana inkundla.
Related Topics: