Ezokungcebeleka

UMakhadzi uzocacisa ngokumesha noBeyonce

Bongiwe Zuma|Published

UMCULI wakuleli uMakhadzi ofake umsiko othi awufane nowesihlabani saphesheya kwezilwandle, uBeyonce Isithombe: FACEBOOK/ MAKHADZI

ISILOMO somculi wakuleli esishisa izikhotha ngisho kwamanye amazwe sesiphenduke undabuzekwayo ngomsiko waso othi awufane nowesilomo saphesheya kwezilwandle.

UMakhadzi ubonakale ngomsiko ofana nokaBeyonce okwenze kwasuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana. UMakhadzi ophenduke ihlaya usethembise ukuthi usazochaza kabanzi ngomsiko wakhe.

Yize kunjalo kodwa abantu balokhu bekhulume njalo ngalo msiko wembilijisi enezinsephe eziphephezelayo esifubeni. UMakhadzi uthe ziningi izinhlelo abhekene nazo noxhaxha lwemicimbi azonandisa kuyo kuleli, emazweni angomakhelwane kanjalo namazwe aphesheya kwezilwandle.

"Sanibona bakwethu ngizobuye ngichaze ngomsiko. Ngifisa ukunazisa ngenjabulo enginayo ngohambo lwaseZambia nolwase-UK oluzoba ngenyanga ezayo," kusho uMakhadzi. Babodwa abambongelayo kodwa iningi lithathwe umsiko neselijahe incazelo kulo mculi.

"Liphi ibhubesi Makhadzi?" kubuza uLetlhogonolo Ntimeni.

"Ngilinde leyo ncazelo," kusho uZany K.

"Sifisa ukuzwa kabanzi ngomsiko. Siyalujabulela nohambo lwakho kodwa umsiko bandla," kusho u-Athole Nkomombini.

UMakhadzi uthe ngoMeyi 6, amabombo uzowabhekisa eZambia, bese kuthi ngoMeyi 20, atholakale e-UK nozophinde amemezele eminye imicimbi yakhona.