Ezokungcebeleka

Babheme bakholwa kumqhudelwano wengoma

Intatheli YeSolezwe|Published

INDLONDLO Emnyama ephume phambili kwiNgoma yesiKhuze Isithombe: VAL ADAMSON

INGWAZI yomculo kamaskandi, uVumile Mngoma, iveze elinye ikhono ebelingaziwa ngayo kwi-10th Ingoma Competition eCurries Fountain Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.

UVumile ubephethe uhlelo ngokubambisana noJuba Special Dlamini kulo mqhudelwano wengoma ohlelwa yiPlayhouse. Ebuzwa ngalo msebenzi omusha, uVumile ubonge kakhulu uLinda Bukhosini wasePlayhouse ngokumnikeza ingqayizivele yethuba.

Uthe nasemculweni wavumbululwa wumqhudelwano wasePlayhouse futhi nekhono lakhe lathuthukiswa yilesi sikhungo njengoba esebuya nasemazweni angaphandle.

UMHOLI we-Asakhe (elingatholakalanga igama lakhe) emukela inkomishi yakhe kuLinda Bukhosini noKhwezi Kunene basePlayhouse Isithombe: VAL ADAMSON

Kulo mncintiswano bekudlana imilala amaqembu angaphezu kuka-40 ngaphansi kweminxa ehlukahlukene, okungoweSigekle, Ingoma Yezinsizwa, Ingoma Yezintombi, Umzansi, Ingoma YesiKhuze, Ushameni neNdlamu. Imiphumela ihambe kanje:

Iqembu, Ezasendlunkulu, liqwaqwade wonke amaqembu ebeliqhathwe nawo emunxeni weNgoma Yezinsizwa. Isibili sithathwe ngelinye laseMgungundlovu, Abafana beMbube kwathi isithathu kwaba Ofeleba nabo baseMgungundlovu.

EZASENDLUNKULU zidle umhlanganiso kwiNgoma Yezinsizwa Isithombe: VAL ADAMSON

ENgomeni yeSikhuze kuwine Indlondlo Emnyama yaseMangabazini, kwathi Ingoma YakaShozi eMbumbulu yaphuma isibili. Ifu Elimnyama, okuyiqembu laKwaMakhutha, lilale isithathu.

KuMzansi kuhambe phambili Umthambo Wendlovu waseMangweni. Isibili siphunywe wuNkonka Obomvu waseHostela laKwaMashu kwathi isithathu salalwa yiSibani Production saseMlazi.

UMTHAMBO Wendlovu uwine emkhakheni woMzansi Isithombe: VAL ADAMSON

Iqembu labesifazane laseMgungundlovu, i-Asakhe, likhale lamuka nonombolo 1 kwiSigekle. Omama Boxolo baseMaphephetheni baphume isibili kwathi indawo yesithathu yalalwa yiShosholoza yaseMgungundlovu.

I-ASAKHE iphume phambili kumunxa weSigekle kwi-10th Ingoma Competition Isithombe: VAL ADAMSON

ENgomeni Yezintombi kuphume phambili Izigi Zomdabu zaseMgungundlovu kwathi ezithendeni zazo kwahlala Oqhawekazi baKwaMashu. Isithathu siphunywe yiZintombi Zosizo zaseMajuba.

IZIGI Zomdabu ziyibhikle kanje ingoma maqede zaphuma phambili kwiNgoma Yezintombi Isithombe: VAL ADAMSON

KwiNdlamu, i-Osizweni Theatre Production iqumbe phansi ngengcuphe omkhaya bayo baseNewcastle, Ingqayizivele kaMahlaba wodumo kwathi Ifisokuhle yaseNondweni yaphuma isithathu.

I-OSIZWENI Theatre Production ehlabane kumunxa weNdlamu Isithombe: VAL ADAMSON

Kumunxa obubhekwe ngamehlo abomvu, okunguShameni, kuphume ngembobo yenaliti iShanela yasoThukela. Leli qembu belimpintshwe kabi yiZinyoni Zomhlanga zasoThukela kwathi isithathu kwaba wuThulilwezinyathi zasoLundi. Izithameli beziswenke ngemvunulo enhlobonhlobo.

Phakathi kosaziwayo ebebehambele lomcimbi kubalwa umlingisi woZalo, uScrewdriver, Mfundisi uMbatha, Martin Ziqubu; umsakazi woKhozi FM, uNkosinathi Mshengu nomculi kamaskandi uGadlabethithiza Nxumalo noMjaphani Mkhize.