Ezokungcebeleka

UZahara ufuna ukulekelela iziboshwa emculweni

Intatheli Yesolezwe ngeSonto and Thokozani Ndlovu|Published

UTHEMBA Lukhele owaziwa ngoSkeem GP noZahara kwi-Ex-Offender Imbizo, Ekurhuleni ngoLwesihlanu Isithombe: SITHUNYELWE

ISIHLABANI somculi we-Afro-pop, uZahara sinxuse uMnyango wezoBulungiswa ukuthi wakhe izitudiyo zomcolo emajele aseNingizimu Afrika, ukuze akwazi ukulekelela ukuthuthukisa iziboshwa emculweni.

UZahara ubekhuluma kwi-Ex-Offender Imbizo eCity Of Mercy Church, eKatlehong, Ekurhuleni ngoLwesihlanu ebusuku.

Uthe uzimisele ngokunikela ngesikhathi sakhe evakashela amajele afike enze umculo neziboshwa ngoba ikhono lomculo likhona kwabanye ababoshiwe.

“Ngiyaninxusa ukuthi nakhe izitudiyo zomculo emajele. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyawahambela amajele ukuzokwenza umculo neziboshwa ngoba liningi ikhono lomculo kwababoshiwe.

“Abanye basemajele ngephutha. Bangena ngenxa yokuthi bekushaywa onina emakhaya bazame ukubavikela bese bezithola sebesejele,” kusho uZahara.

Lokhu ubekusho phambi kojele njengoba nabo bebeyingxenye yomcimbi.

Lo mcimbi ubusingethwe wumbhali ophinde enze izinkumo ezigqugquzelayo uThemba Lukhele obuye aziwe ngoSkeem GP.

I-Ex-Offender Imbizo ibihanjelwe yizinkumbi zabantu nezicukuthwane, phakathi kwazo obekukhona uNhlanhla Lux, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uLindiwe Zulu, umlingisi u-Israel Mekoa-Zulu, inhloko kwezokuphenywa kwamaCala Ahleliwe, uShadrack Sibiya nabanye.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uSkeem GP uthe inhloso yalolu hlelo ukulekelela iziboshwa ukuthi zisebenzise amakhono eziwathole ejele uma seziphumile.

" Sithi phansi ngabebeboshiwe baphinde benze amacala baphindele ejele. Kunamakhono amaningi kabi afundwa emajele ashodayo emphakathini. Amanye awo singabala ukwakha amakhabethe, boiler making, mathematics literacy, angavezwa abebeyiziboshwa emphakathini. Asifuni abantu bathi sebephumile ejele baziwe ngokuthi babeyiziboshwa kodwa kumele kugqame imisebenzi emihle abayenzayo emphakathini," kusho uSkeem GP.