USipho Sithole owethule isifundo ngomsunguli weLadysmith Black Mambazo uJoseph Shabalala Isithombe: sithunyelwe
IZIKHULUMI ezahlukene esifundweni esingempilo yomsunguli weqembu iLadysmith Black Mambazo, ebezisina zidedelana emcimbini ngoLwesihlanu ebusuku obuseTownhall, eMnambithi, zincoma ukuthi imigwaqo iqanjwe ngomnuz Joseph Shabalala.
UShabalala ongomsunguli nomholi weqembu eligabe ngezindondo ezinhlanu zeGrammy, ushone ngoFebhuwari ka-2020 ngemuva kokugula isikhathi.
Obethula isifundo ngaye nguDkt Sipho Sithole, uthe amagama ezindawo aqanjwa kudala njengoPort Shepstone, kumele ashintshwe.
“Sashintsha igama iPomeroy laba yiseSolomon Linda. Sathumela ngoJanuwari kwabuya ngoJulayi. Uma nifuna ukushintsha wozani kimi nginifundise,” kusho uSithole, odabuka eMsinga.
Ubekhuluma ngemuva kokuthi isikhulu seKwaZulu-Natal Amafa and Research Institute, ebingabaxhasi abakhulu bomcimbi, uMnuz Mxolisi Dlamuka, sithe bayafisa ukuthi umgwaqo omkhulu waseMnambithi, uMurchison, uqanjwe ngoShabalala.
“Asifuni ukwenza umcimbi bese siyahamba kodwa sifuna kube khona esizokushiya bese intsha izofunda kukho,” kusho uDlamuka.
Ekhuluma uXolani Majozi, oyimenenja yeqembu, iphonsele uhulumeni inselelo yokuthi ungawakhohlwa amaciko uma uqamba izinto.
“Akungaqanjwa ngosopolitiki kuphela. Uthola izindawo zinemigwaqo eqanjwe ngabantu ababodwa nakwezinye. Akuqanjwe ngamaqhawe akuleyo ndawo,” kusho uMajozi.
Ethula isifundo uSithole, ongumsunguli wenkampani yokuqopha iNative Rhythm, uthe uShabalala uqhakambise umculo wesicathamiya owawubukelwa phansi “namanje osathathwa njengomculo wezimpohlo ezihlala ehostela eziwucula ebusuku”.
“Namhlanje iNingizimu Afrika, igqamile emhlabeni ngenxa kaSolwazi uJoseph Shabalala, ongasukanga ezimpandeni zakhe eqamba, eqopha futhi ecula umculo wabantu.”
Lesi sifundo besiyingxenye yochungechunge lwemicimbi yokukhumbula nokuqhakambisa amagalelo kaShabalala kanti izolo, bekuphela iminyaka emithathu ashona. Le mcimbi ebibizwa ngeLadysmith Black Mambazo Week, iqale ngoMgqibelo odlule ngekhonsathi yesicathamiya, bavakashela ithuna likaShabalala eselizokwenziwa indawo yamagugu, bavakashela izikole afunda kuzo, kwethulwa umbukiso wezindondo zamaGrammy. Usongwe izolo ehholo laseMnambithi, kanti bekunesifundo esingempilo kaShabalala ngoLwesihlanu ntambama.
Izolo bekunomjaho iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon, nekhonsathi lomculo e-Indoor Sports Centre. Umjaho wabasubathi unqotshwe nguNkosikhona ‘Pitbull’ Mhlakwana, oshaye intambo ngo-2h18:53.