Ezokungcebeleka

Kuyaphela ngama-Idols SA

Nokubongwa Phenyane|Published

AZOBONAKALA okokugcina amajaji ohlelo lomculo ama-Idols SA okukhona kuwona uSomizi Mhlongo, Thembi Seete noJR behambisana nomethuli walo uProverb ophinde abe uphrojusa njengoba sekuvele ukuthi kulo nyaka kuzokwenziwa isizini yawo yokugcina Isithombe: SIGCINIWE

OMUNYE uphrojusa wohlelo lomculo oluthungatha amakhono omculo kuleli, ama-Idols SA, uProverb uthe iminyaka engu18 benza lolu hlelo ngeke bayikhohlwe kalula.

UProverb ukusho lokhu ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi isizini yalo nyaka ka-19, kuzoba ngeyokugcina.

“Kube uhambo olugcwele umlando kakhulu njengoba besikhiqiza amaciko amanye awo asezakhele igama kuleli futhi enza kahle emculweni. Sibe namasizini esingeke size siwakholwe kalula kodwa bese kufike isikhathi sokuthi sivalelise. Kuko konke ngeke sibakhohlwe abalandeli bethu okuyibona abebenza u hlelo lube yimpumelelo, okunye esithanda ukukubonga amajaji abe nathi kusuka ekuqaleni kuze kube manje,” kusho uProverb.

Uveze ukuthi izinhlolokhono zesizini yokugcina zizovulwa ngoFebhuwari 12.

Ngesikhathi kugoqwa lolu hlelo ngoNovemba nyakenye baveza ukuthi yize igciwane iCovid-19, selidambile kodwa ngeke babuyele endleleni yakudala yokuhambela amadolobha ahlukene.

UGavin Wratten onguphrojusa walolu hlelo waveza ukuthi ukwenza inhlolokhono nge-internet kuvulela ngisho abantu bakwamanye amadolobha abangakwazi ukuwahambela.

UProverb unxuse intsha enamakhono emculweni ukuthi izame inhlanhla okokugcina kulolu hlelo njengoba le sizini izoba nkulu.

Kube nokuhlukana kwemibono yabantu ngemuva kokuvela kwalezi zindaba.

U@Morara11 uthe “Kungani lena kuyisizini yokugcina? Lolu hlelo belumnandi”.

U@jb_isaacs uthe “Nihambe kahle”.

U@blue_devy uthe “Inombolo engu19 ayiqondile kungani ningenzi isizini ka-20 kube iyona yokugcina?”

U@tjmotau13 uthe “Thathani unyaka niwamise ukuze siwakhumbule”.