INJABULO kwanda abaculi bakuleli abahlomula ngezindondo zamaGrammy kulandela ukuhlabana kukaNomcebo Zikode, Wouter Kellerman noZakes Bantwini. Laba bahlabane emunxeni weBest Global Music Performance ngeBayethe. Selokhu behalaliselwe njalo ezinkundleni zokuxhumana, abantu babatusa ngamagalelo abo kwezobuciko nokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni.
Amakhasi ala maciko ayachwaza yinjabulo kubalandeli abalokhu betuse njalo ikhono lawo. "Siyanibongela, izwe lonke liyaziqhenya ukuba nabantwana abanekhono njengani," kusho uMtheer Gobstar.
"Kuhle kakhulu siyanibongela, siyaziqhenya ngani nonke," kusho uSanda Lyn Partson. INingizimu Afrika akuqali ukuthi ibe namaciko aphuma phambili njengoba noBlack Coffee eke wahlabana, nabanye abangasekho emhlabeni okubalwa kubo nentandokazi uMiriam Makeba.
Iqembu likacothoza, iLadysmith Black Mambazo, elaliholwa yinkakha yomculo engasekho emhlabeni, uJoseph Shabalala, lake laqopha umlando liqoqa amaGrammy aze aba mahlanu.
Related Topics: