Isithombe: TWITTER
UTHOLE ikhaya elisha umsakazi wezemidlalo, uRobert Marawa, njengoba izolo inkampani iPremedia, iveze izindaba zokuthi usezozwakala komunye yemisakazo yayo emikhulu eGoli, i-947.
URobert ubenza ezemidlalo esiteshini iVuma FM, usazoqhubeka nokuzwakala khona kodwa uzoqala kwi-947 namhlanje esakaza ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo msakazo, uRobert uthe kuwumlando empilweni yakhe ukungena kuwo nenkampani engaphansi kwawo.
“Kuyajabulisa kakhulu ukuba yingxenye yalo msakazo, njengoba ukubuyela kwami eGoli kuchaza ukuthi abalandeli bami akadebekhala ngokuthiabasangizwa,sebezophindebathole elinyeithuba lokuthibangilalele kulo msakazo. Engingakusho nje wukuthi abalaleli bangalindela izingxoxo ezihlukene esizoba nazonabo, ngezintoezithinta imidlaloehlukene nezinye izinto ezizobe zenzekakwezemidlalo kuleliwasemhlabeni. Sizobheka nezindaba zabantu bakuleli, abazozixoxa ngohambo lwabo kwezemidlalo nokunye okwenzeka emphakathini,” kuchaza uRobert.
Uthe ngokuba yingxenye yalo msakazo, kuzokhuphuka kakhulu ukunakwa kwezinto ezihlukene ezithinta umdlalo kuleli nasemazweni ehlukene emhlabeni.Abaphathi bale nkampani baveze ukuthi bamamukela ngezandla zombili uRobert, balindele ukuthi kunyuke nabalaleli balesi siteshi.
“Abalaleli besiteshi sethu bazothola ukulalela lolu hlelo ihora lonke oluzobe lugcwele izihloko ezihlukene zezemidlalo. URobert uzokhuluma nabantu abehlukene njengoba siwazi kahle umsebenzi wakhe, siwubonile kwezinye iziteshi nalapho abekhuluma khona nezikhulu ezahlukene zebhola,” kuchaza isitatimende se-947.
Bathe uhlelo luzophinde lusakazwe emsakazweni iVuma FM, Rise FM, Sowetanlive nakwezinye izinhlaka zokusakaza zePrimedia.
Related Topics: