Ezokungcebeleka

UNomcebo usekubheke ngabomvu ukuya emcimbini wamaGrammy

Nokubongwa Phenyane|Published

UNOMCEBO Zikode ojabulisa okwengane njengoba ethi usekubheke ngabomvu ukuba yingxenye yomcimbi wamaGrammy ozoba e-USA ngenyanga ezayo ISITHOMBE: SIGCINIWE

INTOKAZI yaseHammarsdale, uNomcebo Zikode, ithi iminyaka edlule ibe mihle empilweni yayo njengoba manje ejabulela ukuba yingxenye yabaculi abaqokwe emcimbini omkhulu emhlabeni, amaGrammy Awards.

UNomcebo uthi usekubheke ngabomvu ukuba yingxenye yalo mcimbi ozoba se-United States of America (USA), eLos Angels, ngoFebhuwari 5.

Kulo mcimbi uNomcebo uqokwe emkhakheni weBest Global Performance ngengoma ethi Bayethe, acula kuyo ngokubambisana noZakes Bantwini noWouter Kellerman.

“Akukholakali ukuthi umuntu uqokwe emcimbini omkhulu kangaka amhlabeni, okukhulu kakhulu ukuthi lo mcimbi ubukwa umhlaba wonke. Kusho lukhulu ngempela kimi lokhu. Ngibonga angiqedi kwithimba lonke engisebenza nalo i-IMG Africa nawo wonke umuntu osibeke la sikhona manje, ngiyabonga kakhulu. Bekungelula sisebenze kanzima nangokuzinikela ukuze sifike la sikhona manje. Okumangazayo ukuthi ziningi izinhlelo esinazo zeminyaka ezayo ukuze siqhubeke nokusebenza,” kusho uNomcebo.

Ezinye izindaba eziphinde zavezwa abahlela lo mcimbi ukuthi uNomcebo uzophinde anandise noZakes Batwini kwenye yezindawo ezigcina amagugu alo mcimbi phakathi nesonto elandulela umcimbini omkhulu.

UNomcebo osenesikhathi endimeni yomculo, igama lakhe laziwe kakhulu ebonakala engomeni kaMaster KG ethi Jerusalema.

Kwenzeka lokhu nje, ngoDisemba uNomcebo uke wafakana enkantolo nenkampani yakhe yokuqopha i-Open Mic Productions, eyabhalela kwaSpotify ibanxusa ukuthi bakhiphe le ngoma ohlwini lwezingoma zabo, abavumeleke ukuthi zidlalwe umphakathi.

Waveza ukuthi le ngoma akayiqophanga ngaphansi kwale nkampani kodwa bayenza besemazweni ahlukene yena noZakes noWouter.