UQUE DJ useveze ukuthi ujabule ngokubuya komcimbi awenza eThekwini ukubungaza umcimbi weGqom iWe Don’t Play The Same Gqom Festival ozoba ngo-Ephreli ISITHOMBE: TWITTER
UKHUZA ibuya umcimbi obe nesasasa ngoDisemba, obusubanjwa okwesibili iWe Don’t Play The Same Gqom Festival.Abahleli bawo bamemezele izindaba zokuthi uzophinde ube seGreyville, eThekwini, ngo-Ephreli 8.
Ohlela umcimbi uQue DJ uveze ukuthi ingcindezi ebiqhamuka kubantu yenze benza lo mcimbi eduzane.
“Uyacabanga ukuthi wonke umuntu okade enze umcimbi ngoDisemba akacabangi ukwenza omunye manje. Kodwa-ke ngenxa yokuthi abantu bebewudinga sikhethe ukuthi siwenze manje unyaka usaqala. Ngeke ushintshe indawo sizowubambela khona eThekwini la kwasungulwa khona lolu hlobo lomculo.
“Sijabule kakhulu ngokuthi akukho zinkinga esabhekana nazo emcimbini wokuqala konke kwahamba kahle, akukho zigameko zokulimala noma ukuduka kwabantu ababeyingxenye yawo, ngakho sibona ukuthi siphinde siwenze futhi sizoqhubeka nokuqinisa ezokuphepha,” kusho uQue.
Uthe amathikithi aseyatholakala ngoR200 neVIP ebiza uR600.
“Lawa mathikithi aseyingxenye yokuqala sisazoqhubeka nokukhipha eminye imininingwane ngamathikithi. Ekupheleni kwaleli sonto sizokhipha abaculi abaculi abazonandisa. Abantu sifuna ukubacacisela ukuthi kukhona abaculi abebekhona ngoDisemba abazobuya kodwa abanye ngeke babe khona,” kuchaza yena.
Ukugcizelele ukuthi injongo yalo mcimbi ukuqhubeka nokuthuthukisa lolu hlobo lomculo ababheka izindlela ezehlukene zokuthi bakhombise abantu ukuthi lusekhona.
Related Topics: