Ezokungcebeleka

Oneziqu zokuhumusha wenza ezibukwayo eMphithi kuma-turn table

Nonkululeko Nhlapo|Published

INJABULO intokazi yaseSobantu, uLusanda Tshezi, owaziwa ngelikaDJ Lucy Lu, idla umhlanganiso emncintiswaneni wokunandisa noDJ abadumile emkhumbini weMSC Isithombe: SITHUNYELWE

AKULAHLWA mbeleko ngakufelwa, amazwi esakhuliswa ngawo uma abadala besikhuthaza ukuthi singalilahli ithemba uma kukhona lapho esihluleka kakhona. Kwenzeke kanjalo kuLusanda Tshezi, waseSobantu, akazange alilahle ithemba ngesikhathi engawutholi umsebenzi ayewufundele.

Namuhla unguDJ oshisa izikhotha eMgungundlovu, kanti zolo lokhu umenyezelwe njengoDJ osafufusa othole ithuba eliyingqayizivela lokujoyina osaziwayo abanjengoDineo Ranaka, Dlala Thukzin, Sithelo, DJ Zinhle nabanye ohambweni lwezinsuku ezintathu olubizwa, ngeCruise with Dineo and Friends ngomkhumbi weMSC.

ULusanda Tshezi owaziwa ngelikaLucyLu, unikele ezinkundleni zokuxhumana wabonga abamesekile bamvotela ukuze athole leli thuba.

Intokazi ineziqu zokuhumusha nokutolika kodwa ayikaze iwuthole iqashwe ngokuphelele emsebenzini ewufundele.

Yisikhalo sabantu abaningi abahleli neziqu namalayisensi emakhaya ngethemba lokuthi ngelinye ilanga, inhlanhla izovakasha nakubona bakwazi ukuvusa imindeni.

Yize kunjalo akalilahlanga ithemba lempilo ngoba uphendule uthando lomculo we-Afro House and Afro Tech, wangena endimeni yobuDJ.

Abaziyo bathi odalelwe khona kuyofika ngisho ilanga selishona kanti okungekona okwakho kuzophunyuka ngisho ukubambe ngezandla zombili. ULusanda usanda kuqala ukusebenza njengoDJ kodwa usemenywe emicimbini emikhulu esifundazweni, eshiyelana inkundla nezinkakha ezinjengoDJ Tira, Shimza, Christos, Caiiro, DJ Merlon, Sphectacular and DJ Naves, DJ Sox, DJ LeSoul.

Njengamanje usebenza ngokuphelele njengoDJ wasekhaya eMPT Lounge eMgungundlovu, phambilini beyaziwa ngeCubana Maritzburg.

Umncintiswano anqobe kuwo uhambo lwezinsuku ezintathu ufakwe ezinkundleni zokuxhumana nguDogg Dbn, omunye woDJ nabagqugquzeli bemicimbi ehamba phambili KwaZulu-Natal. UDogg ufake isikhangiso enxusa abantu ukuba bavotele uDJ osafufusa abambona efanelekile ukuba yingxenye yohambo oluqala ngoJanuwari 27-30 nonyaka.

Ekhipha imiphumela, uDogg uncome abantu baseMphithi ngokubambisana, bethwala ngeqoma intokazi yaseSobantu, njengomuntu abamethembayo ukuthi uzobamela kahle futhi azakhele igama phambili.

Yize esamusha kulo msebenzi kodwa usenandise emicimbini emikhulu okubalwa iMgungundlovu Music Festival, Duzi Eve, Last Dance Music Experience. Leli thuba lakamuva lokujoyina osaziwayo emkhumbini, liqinisekisa ukuzimisela nokuzinikela kwakhe emsebenzini.