Ezokungcebeleka

BUKA: Khuphuka lapho Stabilithi!

Nonkululeko Nhlapo|Published

IZUNGEZA ezinkundleni zokuxhumana ekamaskandi ekhuluma ngodaba locingo lukaMandla Mampintsha Maphumulo oseluvuliwe.

IZUNGEZA ezinkundleni zokuxhumana ekamaskandi ekhuluma ngodaba lweselula kaMandla Mampintsha Maphumulo esivuliwe.

Impela abaningi bababaza ikhono lalo maskanda odume ngelikaStabhilithi njengoba esevuke nomacekeceke wengoma eshisa izikhotha iPin kaMampintsha.

Kule ngoma umculi odume ngelika,Stabhilithi ogama lakhe uSwazi Mvubu ubuza ukuthi ngubani onike uBabes i-pin kaMampintsha nosekushiye abaningi befa yinsini esinkundleni zokuxhumana.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBabes wakhala emngcwabeni womyeni wakhe ngokuthi uze washona engamnikanga i-pin yeselula yakhe ngaleyo ndlela akakwazi kwenzalutho ngayo, ngisho ikhala uyayibuka-nje ngoba ayivuleki.

Ngemuva kwesonto kudlule umyeni wakhe, le ntokazi eshaya umculo wegqom’ yabuya isijabule ezinkundleni zokuxhumana ithokozela ukuthi ikwazile ukuvula ucingo lukaMampintsha.

“Sengiyitholile i-pin ka-baby, ngiyabonga baby ngoba indoda yami ingithande kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uBabes.