Ezokungcebeleka

Amawele azonandisa emcimbini wokwenyusa izinga Eyadini

Zandile Phiri|Published

INDAWO yobumnandi eseMlaza, Eyadini Lounge, ike yaba sematheni ngezithombe zezintokazi zikhindile, namavidiyo abantu bekhombisa ukujabulela ukuba kule ndawo. Muva nje, akusezwakali lutho ngale ndawo. Yingakho umnikazi wayo eseqome ukuyifukula ngokuthi asungule imicimbi ezobe inosaziwayo nabaculi njalo ngoLwesihlanu.

Zisuka amagqozo, Eyadini izobe igabe ngamaQwabe Twins ngoJanuwari 27, emcimbini ozobizwa ngeBring Back Friday's, eYadini Lounge.

Umgqugquzeli wemicimbi uNomathemba Ntshangase, uthe inhloso yabo ngemicimbi ukubuyisa isasasa endaweni ebiwundabamlonyeni kubathandi bobumnandi.

"Siyazi sonke ukuthi i-Eyadini Lounge beliyindawo ebiseqhulwini ezivakashini. Izivakashi eziliqhamukisa kulo lonke elakuleli bezihlale zifuna ukuhambela eYadini Lounge ngenxa yobumnandi, impatho nokunye. Sifuna ukubuyisa lezo zinsuku Eyadini Lounge."

UNomathemba uthe benze imizamo ukuze bahlele umcimbi weqophelo eliphezulu, ngokuxhumana nezinkampani ezihlukene ezinjengeHeineken, BMW Umhlanga, ESM Kitchen eShowe, Distel nabeDurban Tourism.

"Ukuqhakambisa umcimbi sixhumane nomsakazo womphakathi iNanda FM, ukuze isakaze bukhoma konke okuzokwenzeka emcimbini futhi sibandakanye namanye amaciko ukuba abambe iqhaza."

Kosaziwayo abazobe beyingxenye yohlelo lomcimbi kubalwa iQ Twins, S22kile wodumo kuma-Idols SA, oweMbewu uCabangile Gumede, uMthokozisi Gabela, uMsizi Magoso, uBongani Makhathini, uDJ Authentic weDance Yodumo kwiSABC 1, DJ Olwethu, DJ Choppas, Diamond Rose nabanye.

Uthe amathikithi azodayisa esangweni ngosuku lomcimbi ngoR100 nangoR250. Uthe ingxenye yenzuzo abazoyenza bazothenga izicathulo abazonikela ngazo kubafundi abaphuma emindenini edla imbuya ngothi kwesinye sezikole eziseMlaza.