Ezokungcebeleka

Izoshintsha impilo yabantu iGqeberha

Simangaliso Ntshangase|Published

UZANDILE Msutwana olingisa indawo kaZimkhitha Mxenge kwiGqiberha: The Empire Isithombe: Mzansi Magic

UMDLALO wethelevishini omusha iGqeberha: The Empire awuzukuqhakambisa abalingiswa kuphela, kepha uzokwenza umehluko nasempilweni yabantu abakhele iGqeberha ne-Eastern Cape yonkana.

Lokho kuhlaluke emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwalo mdlalo okhiqizwe yiTshedza Pictures, obuseBroadwalk Hotel, eGqeberha, ngeSonto ntambama.

UNgqongqoshe wezeziMali, ukuThuthukiswa koMnotho, eZemvelo nezokuVakasha e-Eastern Cape, uMlungisi Mvoko, uthe ukuqoshwa kwalo mdlalo esifundazweni kuwufukule kakhulu umnotho wesifundazwe.

UMBULELO Grootboom, Zikhona Sodlaka, Zandile Msutwana, Kay Bikitsha no-Akhenime Mfenyana abalingisa phambili kwi-Gqeberha: The Empire Isithombe: Mzansi Magic

“I-Gqeberha ibambe iqhaza elikhulu ukuthuthukisa amaciko esifundazweni njengoba yakhe amathuba emisebenzi ewu186 emacikweni esifundazwe, walekelela nosomabhizinisi abasafufusa abangaphezu kuka21,” kusho uMvoko.

UPhathutshedzo Makwarela weTshedza Pictures, uthe bathwale kanzima beqopha lo mdlalo ngenxa yokuntuleka kwengqalasizinda esifundazweni.

“Yize kunjalo, sisebenze kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi lo mdlalo uba yimpumelelo, ikakhulu ngoba bekusikhathaza ukuthi i-Eastern Cape yaziwa ngamaciko emikhakheni ehlukene, kodwa ulokhu ungekho umdlalo okhiqizwe, waqoshelwa khona.

“Ngakho siziqhenya kakhulu ngomsebenzi esiwenzile, siphinde sibonge kwiMultichoice ngokuhlonipha umbono ebesinawo, nokwenze waba ngoyikhona namuhla,” kuchaza uMakwarela.

ITHIMBA labalingisi bomdlalo i-Gqeberha: The Empire Isithombe: Mzansi Magic

UZandile Msutwana, ongomunye wabalingisa phambili kwiGqeberha, uthe bekungelula ukulingisa kuyona ngoba amehlo amaningi abebheke yena ngenxa yebanga aselihambe endimeni.

“Lokho kuphoqe ukuthi ngizikhandle ngokuphindiwe ngibambisene nozakwethu ukwenza isiqiniseko sokuthi sikhiqiza into yamehlo,” kusho uZandile.

UZikhona Sodlaka naye olingisa phambili, uthe ukulingisa kwiGqeberha kumvumele ukuthi aveze ubunjalo bomuntu wesifazane womXhosa ngokukhululeka. I-Gqeberha izoqala ukukhonjiswa ngoJanuwari 16, kwiMzansi Magic ngo-9 ebusuku.

Abanye abalingisa kuyona ngo-Akhenime Mfenyana, Mbulelo Grootboom, Kay Bikitsha, Phila Madlingozi, Siziphiwe Maqibela no-Unathi Guma ukubala nje abambalwa.