UKWENZO Ngcobo owuQhawe kwiThe Wife, uthi kuyisibusiso kuye ukuqhubeka abonakale emdlalweni owuchungechunge
UKONAKALA kobisi kusuke kusho ukulunga kwamasi. Uyichaze kanje impumelelo yakhe umlingisi owuQhawe emdlalweni okwisizini yesithathu njengamanje, iThe Wife okhonjiswa kwiShowmax.
UKwenzo Ngcobo, okuyigama lakhe langempela, uthi kuyimpumelelo kuye ukuthi ababhali balo mdlalo banqume ukumgcina kuwona, yize inqwaba yozakwabo iphumile. Le sizini igxile othandweni LukaNaledi (Gaisang Noge) noQhawe (Kwenzo Ngcobo). Le nsizwa edabuka eZinqoleni ePort Shepstone ithi ukulingisa nabalingisi abasha ikujabulele yize kona kube nezinselelo.
"Kube mnandi ukudlala nabalingisi abasha, yize zibe khona izinselelo zokungabuyi kwabanye abalingisi ebesesisondelene kakhulu nabo. Kodwa ngisenabo abanye abafowethu futhi lolu hambo luseluhle kakhulu.“
Uthe uyakuthokozela ukusebenza noGaisang, amchaze njengomuntu okhululeke kakhulu futhi umsebenzi wakhe muhle impela. Kuningi athe naye uyakufunda kulo mlingisi futhi kumnika isipiliyoni asidingayo emsebenzini.
UKwenzo usanda kuhlomula ngendondo iPeople's Choice Award kumaGQ Men of the Year Award kanti phambilini uke wahlomula ngeFavourite Rising Star KumaDStv Mzansi Viewers Choice Awards.
"Njalo uma ngibuka lezi zindondo ngiyagqugquzeleka ukuthi ngisebenze kakhulu kunakuqala. Isifiso sami wukukhombisa wonke umuntu ukuthi amaphupho ayafezeka futhi yonke into iyenzeka, inqobo nje uma ukholwa."
Uthe into ayithandayo ngokulingisa uQhawe, wukuxoxa indaba yothando ukuze labo abasakholelwa othandweni bakwazi ukuzibona. Uthe yena noQhawe bayafana ngoba bobabili bayazithulela.
Echaza isimo sakhe sokubizwa ngesoka lesizwe (National Boyfriend) uthe ukwazisa kakhulu ukwesekwa nothando abantu abamnika lona. Uthe konke lokhu kuchaza ukuthi abantu bayawuthokozela umsebenzi wakhe futhi yilokho okubalulekile, ukuthi abantu bezibone emsebenzini wakhe futhi bawuthande bawamukele.
Ubonge abalandeli nalabo abamesekayo, wathembisa ukuthi uzoqhubeka nokuxoxa izindaba ezimnandi.
Esephetha uthe kunohlelo olusha azoluthwebula maduze olususelwe
endabeni eyiqiniso kodwa ngeke akwazi ukwenaba ngemininingwane okwamanje.
Related Topics: