Ezokungcebeleka

Uthembisa into yamehlo olingisa kwiGqeberha

Simangaliso Ntshangase|Published

UMBULELO Grootboom, ulingisa indawo ephambili kwiGqeberha:The Empire Isithombe: SITHUNYELWE

BAZOBHEMA bakholwe ababukeli bomdlalo omusha wethelevishini iGqeberha The Empire, ngokusho komunye wabalingisa phambili kuwo.

Umdlalo onedumela ngokubophela izinkakha zabalingisi futhi okhiqizwa yiTshedza Pictures, uzoqala ukukhonjiswa ngoJanuwari 16, ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic.

UMbulelo Grootboom uthembisa okukhulu nje, yingoba ulingisa indawo kaLuzuko Mxenge, isiqumama esinamakhosikazi amathathu. Ngokusho kwakhe, indikimba yomdlalo izoshiya ababukeli bekhexe imilomo futhi belangazelela ukubona okuqukethwe yisiqephu ngasinye somdlalo.

“IGqeberha yingqophamlando yomdlalo okhiqizwe, wadidiyelwa ngobuchule bezinga eliphezulu - ngikholwa wukuthi kusazothatha isikhathi eside ukuthi kube khona umdlalo ozofana nawo eNingizimu Afrika.

“Lokho ngikusho ngoba umdlalo uqoshelwe ezindaweni zase-Eastern Cape kuphela. Okukongokuqala ukwenzeka. Ngaphezu kwalokho, uzofundisa abantu okuningi abebengakwazi ngosiko lwamaXhosa, ubavule amehlo ngezinto eziningi abebengazinakile,” kuchaza uMbulelo.

Akalona ivukana kwezokulingisa uMbulelo ozalelwe eSteytlerville, khona e-Eastern Cape. Amagalelo akhe kwezokulingisa asebonakale emidlalweni eminingi yethelevishini futhi useqoqe inqwaba yezindondo. Ngokusho kwakhe inselelo ayithole ngokulingisa kwiGqeberha, inkulu ukuzedlula zonke izindawo aseke azilingisa selokhu aqala ngo-2008.

“Ngalokho angiqondile ukudelela imidlalo engilingise kuyo phambilini yingoba lona ungiphonsele inselelo enkulu. Indawo engiyilingisayo ayifiki nakancane ohlotsheni lomuntu engizalwe, ngakhula ngiyilona. Izoyishintsha kakhulu impilo yami,” kusho umlingisi.

Ukhuthaze abantu ukuthi babukele umdlalo oxube abalingisi abanamakhono ehlukene futhi ogabe ngezinkakha kwezokulingisa nalabo abasathuka isisinga.

Phakathi kwezinye izinkakha zabalingisi eziboshelwe kuwona kubalwa uZikhona Sodlaka, Zandile Msutwana, Kay Bikitsha, Akhenime Mfenyana noPhila Madlingozi.