ICIKO lwaKwaNongoma lethuse abaningi likhala lemuka nomklomelo osezingeni lase-Afrika, iZikomo Afrika obuseZambia muva nje. Lezi zindondo kuhloswe ngazo okuhloswe ngawo ukuklomelisa amaciko aqhakambisa ubu-Afrika ezingomeni zawo.
UMagic Voice uhlabane ngeBest Traditional Music ngengoma ethi Ngibuzwile Ubunzima ekwi-albhamu yakhe yangonyaka odlule, iNkosi uShaka. Kule ndondo uqumbe phansi uKanati Ekanda Nangolo wase-Namibia othole amavoti awu-4%, Matata24 waseKenya othole u6%, Sweety Namibia wase-Namibia othole 9%, Osaziwayo okungabaculi bakuleli bona bathole amavoti abe u38%. Lesi sihlabani sona sithole amavoti abe wu48% okwenze wabaqwaqwada bonke emakhanda.
Uthe kumjabulise kakhulu ukuthola le ndondo -njengoba ebehlabana okokuqala selokhu angena kule ndima.
"Ngiqophe umlando ngokuba umculi wokuqala ngqa kamaskandi ukuthola indondo kuleli zinga, ngijbule kakhulu namanje angakakholwa."
Ubonge kakhulu abalandeli bakhe abamthwalile kulo msebenzi, waphinda wabonga bonke abamvotelile kule singili yakhe ethi Isilungu. Uthe nokho lesingili iyisitayela esihlukile kodwa kuyamthokozisa ukwazi ukuthi abantu bayayamukela.
Related Topics: