Ezokungcebeleka

Injabulo kuBabes Wodumo evula ucingo lukaMampintsha

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISITHOMBE esifakwe ezinkundleni zokuxhumana kusetshenziswa i-akhawunti kaMampintsha ongasekho emhlabeni Isithombe: FACEBOOK

KUKHONYA uBabes Wodumo ezinkundleni zokuxhumana namuhla kwazise esebenzisa ucingo lomyeni wakhe.

UBabes wenza ihlaya emngcwabeni womyeni wakhe, uMandla Mampintsha Maphumulo, ekhala ngokuthi uze wahamba emhlabeni ngempela engamnikanga iphini yocingo lwakhe, okwenza kube nzima ukuthi aluphendule ngisho lukhala.

Namuhla, uqhamuke esefake i-video ezinkundleni zokuxhumana ngalo ucingo lukaShimora

“Sengiyitholile iphini ka-baby, ngiyabonga baby ngoba indoda yami ingithande kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uBabes

Uqhubeke wathi usabuka izindaba zabantu kodwa ngeke abambele muntu igqubu, uyazibukela nje izindaba. Ubuye wababaza ubuningi bezintombi ezibhalwe ocingweni.

Ngemuva kwalokhu ufake izithombe zabo bobabili enkundleni yezokuxhumana, iFacebook.