Ezokungcebeleka

Kumuncu ephika ukufonela inkosikazi yomngani ethi ‘uyayithanda’

Nonkululeko Nhlapo|Published

IZUNGEZA ezinkundleni zokuxhumana ingxabano engumshosha phansi phakathi kwabangani bakudala, uMusa Mthombeni no-Andile Ncube Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)

IZUNGEZA ezinkundleni zokuxhumana ingxabano eshisa phansi ephakathi kwabangani bakudala okunguDkt Musa Mthombeni no-Andile Ncube.

Bobabili osaziwayo bangabethuli bezinhlelo, baneminyaka bezwana futhi bajwayele ukuncokolisana ngezindlela ezihlukene ezinkundleni zokuxhumana. Kepha, kulokhu kubonakala kushubile phakathi kwabo.

UMthombeni ongudokotela osanda kushadelwa nguzime wakuleli uNksz uLiesl Laurie, ubhale umlayezo kuTwitter ethi unyaka ka-2023, umfundise lukhulu ngabangani bamanga.

Washeshe waphendule u-Andile ngokuthi ubecabanga ukuthi ushayela yena ucingo hhayi umkakhe, ngesikhathi ethi nami ngiyakuthanda, waqhubeka wathi uMthombeni akadlule kule nto.

Kumangale abantu becabanga ukuthi mhlawumbe bobili bayancokola ngoba bangabangani bakudala. Kodwa kuthuke abaningi uMthombeni esephendula u-Andile ngomlayezo othi sekuphele izinyanga eziyisikhombisa bamvala ezingcingweni zabo.

Lokhu kuveze isithombe esingesihle ebantwini ngoNcube, bemsola ngokufuna ukubhidliza umshado kaMthombeni.