Ezokungcebeleka

ITik-Tok isivezele osomahlaya abasha kulo nyaka

Nqobile Masimula|Published

LO nyaka ubunezinto zawo, ikakhulukazi emuva kokuqhamuka kwenkundla yokuxhumana iTik-Tok lapho abantu befaka khona ama-video abo benza noma yini.

Le nkundla isivumbululele osomahlaya abadala nabancane abebengaziwa, kuzona zonke izinkalo zeNingizimu Afrika, abanye baze bathola amathuba ahlukene endimeni yezokungcebeleka.

ESINYE isilomo sale nkundla esivele sizifake sidansa, okuyiyona into echaza abantu
USEPHENDUKE usaziwayo uMr Cash Dlengelele njengoba eseqashwa ubuthaphuthaphu emicimbini ehlukene Isithombe: FACEBOOK

Omunye walaba nguSmangaliso “Mr Cash” Mathenjwa (@smangaliso mathenjwa) oqale ngokufaka ama-video exoxa izindatshana ezingamahlaya, ethembisa ukugqoma phansi abantu ngeqolo.

UMathenjwa ubethi uma exoxa indaba, aqinise ulimi namagama awaphimisayo awagcizelele aze anyukubalise ubuso.

Lokhu kumenze wayintandokazi yabaningi, kwagcina ngokuthi amenywe nayiminyango kahulumeni ukuthi ahambisane nayo uma inezimbizo emphakathini.

Owesifazane elingaqondakali igama lakhe kodwa osuke efakwe yindodakazi yakhe (@nonhlanhlamellisas) akaconsi phansi kubathandi beTik-Tok ngenxa yemidanso yakhe nasuke ekusho kuhambisana nayo.

UPeter Dlamini (@petermjol24) odabuka KwaMashu uze wathola nethuba lokuyolingisa phambili efilimini yaphesheya kwezilwandle, iSmashed Online, ngenxa yodumo lwakhe kule nkundla namahlaya athinta abantu beminyaka ehlukene.

UPETER Dlamini Isithombe: FACEBOOK

Phakathi kwamahlaya azakhele ngawo udumo yilapho ayelingisela khona idlozi lomuntu osecabanga ukuziphatha kahle ayeke utshwala, idlozi laphendula ngokuthi “Edakwa umuntu..kephi khona, akahambe ayophuza lo ayikho le nto ayenzayo”.

Elinye lamatemu akhe ngelithi “Ungithethiselani Pho?”.

UNINA kaChicken noChicken abasizwe yiyo le nkundla ukuzazisa emphakathini Isithombe: FACEBOOK

Unina kaChicken (@KwaNjomane) usevela emdlalweni weSABC 1, Uzalo, emva kodumo lwakhe lwakule nkundla.

KwiTik-Tok usuke elingisa nendodana yakhe lapho sebezakhele khona inqwaba yabalandeli ngamahlaya abo.

UTHEMBINKOSI Madlala osephenduke umculi ngayo le nkundla Isithombe: TIK-TOK

UThembinkosi Madlala (@thembinkosimadla5) uqale kancane kancane ezixoxela nowakwakhe noma exoxa nengane yakhe njengoba egcine esevele aqhulule izingoma.

Njengoba esecula yilapho ezakhele khona abalandeli njengoba izingoma zakhe ezicula aze angqangqazelise izwi.

Enye yezingoma eziqede abantu ngensini ethi “Ibuya nini le ndoda izolanda ibandla layo”.

Ngemuva kusuke kukhala izinsimbi azenzele zona. Kwabaningi waziwa ngoRapatsa Madlala.

UWILLIAM Last

UWilliam Last (@williamlast_krm) uhlekisa ngisho engashongo lutho ngenxa yendlela avele ashintshe ngayo ubuso bakhe.

Akasali ngaphandle uma kubalwa osomahlaya bakuleli, ikakhulukazi abavumbululwe yile nkundla yokuxhumana.

Sithemba ukuthi njengoba le nkundla iseyintsha kuleli futhi isiya ngokujwayeleka, baningi abanye abazovuleleka amathuba, bakwazi ukuzibonakalisa ngamakhono abo nangonyaka ozayo.