UTUMI Morake, Kajal Bagwandeen noMinnie Dlamini bangabalingisi abazolingisa phambili efilimini ethi The Honeymoon ezophuma kuleli ngonyaka ozayo Isithombe: SITHUNYELWE
IQOSHELWE KwaZulu-Natal yase idlulela eZanzibar ifilimu okuzogqama kuyo uTumi Morake, Minnie Dlamini noKajal Bagwandeen okuyibona abazodlala indawo ephambili kule filimu yakuleli yamahlaya, i-The Honeymoon , ezoqala ukukhonjiswa emaCinema kusukela ngoMashi 31.
Lezi zintokazi kuyona zizobe zingabangani abakhulu abasemikhakheni ehlukene yezamabhizinisi.
UKat (Kajal Bagwandeen), ungowesifazane osemkhakheni wemfashini nasebenzisana kuwona nomyeni wakhe. Ungowesifazane osabayo ukugqama, konke ekwenza ngokwesaba engafuni ukuduma.
UNoks (Tumi Morake), udumile emphakathini kwazise ubengumlingisi kwenye yemidlalo ewuchungechunge, abantu abaningi abamthandisisi njengoba enokuzazisa, usekuthola kunzima ukuthola umsebenzi futhi umatasa uzama ukubuyela kulo mkhakha noma kunzima.
ULu (Minnie Dlamini) ungowesifazane oshadile futhi osanda kuqala umndeni kodwa indlela umyeni wakhe amgada ngayo yiyona emenza aphinde angathandi ukuba semshadweni.
Umbhali wale filimu ophinde abe uphrojusa wayo, uBianca Isaac, uthe ujabule ngokuthi umsebenzi wakhe ugcine uphumelele.
Uthe ukholwa wukuthi abantu bazoyijabulela njengoba igcwele amahlaya odwa.
“Laba besifazane bobathathu bathatha isinqumo sokuthi baye eZanzibar ngemuva kokuthi uKat aliwe isoka lakhe kusaphele izinsuku ezimbalwa beshade. Bathatha isinqumo sokuthi bahambe bayoshaywa umoya, kodwa kula lapho kuzoqala khona izinkinga.
“Empilweni siyabadinga abangani esithulula konke kubona, kule filimu kuzobonakala abantu besifazane ababambene kodwa abanezinkinga ezihlukene,” kusho uBianca.
Uthe okubajabulisayo ngale filimu wukuthi ixube amasiko ahlukene njengoba iqala KwaZulu-Natal, igqamisa isiko lamaZulu nelabomdabu waseNdiya.
Enkundleni yakhe yokuxhumana, uMinnie ufake isithombe lapho abeveza khona ukuthi uyingxenye yale filimu, wathi usekubheke ngabomvu ukuthi abantu abazobuka le filimu bahlangane noLu.
Abalingisi abazobonakala kule filimu kubalwa uNaymaps, Tasveer Singh, Prev Reddy, Stevel Marc, Nina Hastie, Robbie Collins, JJ Mathura noChris Jaftha.
Related Topics: