Ezokungcebeleka

Bekuminyene untshumo koweFill-up Mmabatho

Nonkululeko Nhlapo|Published

BAPHUME ngobuningi babo beyojuxuza kwi-Fill-UP Mmabatho noCassper Nyovest isithombe: Cassper Nyovest/TWITTER

ABATHANDI bomculo nobumnandi baphume ngobuningi ukozokweseka uCassper Nyovest emcimbini weFill-up Mmabatho ngoMgqibelo.

Lo mcimbi ungowesithupha kanti kulokhu, uCassper uwukhombe ekhaya njengoba ububanjelwe enkundleni yezemidlalo eMmabatho.

Lo mrepha waziwa kakhulu ngokwenza le mcimbi yakhe ibe sezingeni eliphezulu, akaphoxanga nakilokhu njengoba bekubonakala ukuthi izinga lisabanjiwe.

Ebonga abalandeli bakhe ngokumeseka, uCassper uveze ukuthi beziningi kakhulu izingqinamba abebhekene nazo kuhlelwa lo mcimbi njengoba ubengasenalo ithemba lokuthi uzoqhubeka.

Lo mcimbi ubuhanjelwe nawubaba wakhe uCassper kanti esevala, ukhumbule uzakwabo uDJ Sumbody ngengoma abayenza ndawonye.

Baningi ababntu abancome ubuhle bomcimbi bancoma naye uCassper ngokuthi kukho konke adlule kukho kulo nyaka, ukwazile ukwenza into emthokozisayo nejabulisa abaningi.