UDANGER noMampintsha abangamalungu eqembu iBig Nuz Isithombe: INSTAGRAM
IQEMBU lekwaito, iBig Nuz, lifuna ukuhlonipha uR Mashesha nge-albhamu yalo entsha nokuzoba ngeyokuqala kusuka kwashona lo mculi.
UR Mashesha washona ngo-2015 ngemuva kokugula. Lokhu kwashiya iqembu linamalungu amabili, uDanger noMampintsha.
Kusuka ashona, laba bobabili bese beqopha ngokuhlukana, sebezimele, uMampintsha esebenza noBabes Wodumo. NgoLwesihlanu bakhiphe ingoma yabo yokuqala ndawonye. Le ngoma ethi Ngeke, abapike kuyo uDJ Yamza, izoba kwi-albhamu ezophuma ngoLwesihlanu.
“Bekumele sikhiphe i-albhamu kodwa sayithumela sekwedlule isikhathi ezitolo zomculo (iTunes nezinye) njengoba sikhiphe ingoma eyodwa nje. Kodwa okuhle ukuthi ngeke kulindwe kakhulu ngoba ngoLwesihlanu iyaphuma,” kusho uDanger.
Uthe bajabule kakhulu ngendlela abantu abayamukele ngayo le ngoma futhi sebekubheke ngabomvu ukubazwisa i-albhamu.
“Le albhamu siyenzele uR Mashesha kakhulu. Bengifisa ukuthi siyibize ngegama lakhe ngoba ngeyokuqala kusuka asishiya. Zikhona nezingoma esazenza naye kudala, sizitholile sazifaka kwi-albhamu. Kukhona lapho ecula khona. Kusijabulise kakhulu lokhu ngoba kwenzeka phesheya, uthi uyalalela uzwe kucula u-2Pac ekubeni ashona kudala. Nathi sikwazile ukulanda izingoma esazenza,” kusho uDanger.
Uthe ngokwenza le albhamu baphendula nezikhalo zabantu osekunesikhathi becela ukuthi iqembu likhiphe.
“Kumele siphushe siye phambili igama likaR Mashesha neleqembu lingashabalali. Okubalulekile wukuthi umculo wethu ungashoni phansi sisekhona. Ukwamukelwa kanje ngemuva kwesikhathi akukhona ukuthi nathi sinobuhlakani kodwa sibonga uNkulunkulu nedlozi ngoba abantu basamukele ngezandla ezimhlophe. Asikho nswempu kunabanye kodwa amandla edlozi noMdali.”
Related Topics: