Ezokungcebeleka

UBooth ugadla ngabameli kumkakhe ngodaba lomjolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Isithombe: Twitter

INKAKHA yebhola kuleli uMatthew Booth, isikhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana icacisa ngezinsolo ezenziwe wumkayo ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule umkaBooth, uSonia, unikele ezinkundleni zokuxhumana eneka amahlazo omyeni wakhe amsola ngokuqonywa ngowesifazane ajima naye.

USonia unekele izwe lonke nobufakazi anabo ngezinto ebezenziwa wumyeni wakhe kanti okucasule abantu abaningi wukuthi uBooth wafika ekhaya nezithako zekhekhe emzini wakhe. UBooth wabhaka leli khekhe emzini wakhe unkosikazi nezingane belele, kodwa washaya wachitha nalo elifaka esitsheni somkakhe eya nalo entombini, walidlela khona wabuya ekhaya esesuthi.

Ngale kodaba lwekhekhe, uSonia uveze nokuthi umyeni wakhe ubesebenzisa imali abayibekele imfundo yendodana yabo ukutetemuka nentombi emaholidini ezindaweni ezahlukene. Kokunye, kuthiwa uBooth ubehamba nale ntombi ogama layo nguBongani Mthombeni ogane uphrofesa ofundisa eNyuvesi yaseKapa, uKlaus Moller, ngokwemisebenzi ethinta inhlangano yakhe ayisungula nomkakhe.

Inhlanzi ishelwe ngamanzi njengoba egcine ephawulile ngalolu daba. Kwisitatimende asifake ezinkundleni zokuxhumana uthe uphoxekile yisenzo somkakhe sokunameka izinsolo ezingaqinisekisiwe ngenhloso yokudicilela phansi igama lakhe angazange akhulume naye kuqala.

“Lolu daba sengilidlulisele kubammeli bami ukuba bathathe izinyathelo ezinqala futhi konke sengikushiyele abomthetho,” kusho yena ngesitatimende.

Uxolisile kulo wesifazane okuthiwa ujola naye nakubo bonke abaxhasi benhlangano yakhe, wabanxusa ukuthi bangalenzi iphutha lokuyeka umsebenzi omuhle abawenzayo ndawonye ngenxa yalokhu okuvelile.