UNOZI waseMlaza, eThekwini noThapelo waseMokopane, eLimpopo bazotholana esigabeni sokugcina sohlelo ama-Idols SA azofinyelela emaphethelweni ngeSonto esiya kulo. Isithombe: SITHUNYELWE
UMTHANDAZO uthi yiwona ombeke esigabeni sokugcina sohlelo amaIdols SA, uNozipho Sibiya odume ngelikaNozi kulolu hlelo.
UNozi noThapelo bazoqhudelana okokugcina bukhoma kwisizini ka-18, yalolu hlelo ezogoqwa ngeSonto, kwiMzansi Magic (161), ngo-5 ntambama.
Le ntokazi yakwa-P, eMlaza ikhuluma neSolezwe ngokufinyelela esigabeni sokugcina somqhudelwano, ithe iphelile ingcindezi nokukhathazeka emoyeni kuphelile kuyona.
“Manje akusekho ukukhathazeka kimina, ngokwami konke sekuphothuliwe. Ngesikhathi lusaqala lolu hambo kusuka kwiTop 16 kuze kube kwiTop 10, ngangifisa nokushiya phansi ngihambe ngiye ekhaya ngenxa yengcindezi kodwa namhlanje ngiyaziqhenya kakhulu ngokubekezela ngize ngifike ekugcineni.
Konke sengikubeke kuMdali nakubalandeli bami ngoba mina owami umsebenzi ngiwenzile,” kusho uNozi.
Uthe uyaziqhenya kakhulu ngakwenzile futhi ukhuthaza intsha enekhono lanoma yini ukuba isukume izithathe ngoba kayazi ukuthi ingaphelela kuphi.
“Mina bengingaqali ukuzama inhlanhla kulolu hlelo. Ngo-2016 ngaya ePlayhouse, eThekwini, ukungenela ama-Idols kodwa angibonanga ngisho amajaji, kulo nyaka buka ngikuphi. Nginxusa abalandeli bami ukuthi baphushe okokugcina-ke manje yikhona bengeke bazisole ngokuthi sonke lesi sikhathi bebevotelani. Ngiyathembisa ukuthi noma kungenzekani ngizoqhubeka nokubajabulisa ngomculo wami.”
NgeSonto uNozi noThapelo bacule izingoma zabo ezintsha abaziqophe enkampanini iKalawa Jazmee, esebenzisana nama-Idols.
UNozi wethule ingoma yakhe ethi Idlisokanti uThapelo ucule ethi Phanda.
NgeSonto ohlelweni lokugcina kulindeleke ukuthi kunandise abaculi abehlukene okukhona kubo owaseNigeria uD’ Banj, Oskido no-AKA.
Related Topics: