IMPUNYELA ezalwa kuleli, esanda kuthenga inkundla yezokuxhumana iTwitter, iza nezinguquko ezingezinhle kulabo abasebenzisa le nkundla Isithombe: REUTERS/DADO RUVIC/ILLUSTRATION
IMPUNYELA ezalwa kuleli esanda kuthenga inkundla yezokuxhumana iTwitter iza nezinguquko ezingezinhle kulabo abasebenzisa le nkundla.
U-Elon Musk, obese enesikhathi ezama ukuthenga le nkundla, wagcina ephumelele, unqumele abasebenzi bakhe ugwayi katiki ngomgomo omusha kulabo abaqinisekisiwe yile nkundla.
Abantu abaqinisekisiwe babonakala ngophawu oluluhlaza eduze kwamagama abo nokusho ukuthi yibona asebezokhokhela lokhu imali elinganiselwa ku-$8 ngenyanga bese kwengezwa okunye okukhethekile okuzotholwa yibona kuphela.
Kuthiwa abasebenzi beTwitter babekelwe umnqamulajuqu yomhla ka-7 Novemba ukuqinisekisa ukuthi lezi zinguquko ziyenzeka kungenjalo amabhantshi azogcwala umoya.
Uma sekwenzekile lokhu, laba abaqinisekisiwe yile nkundla, bazonikezwa izinsuku ezingu-90 ukwamukela imigomo emisha noma balahlekelwe yilolu phawu oluluhlaza bafane nawo wonke umuntu
Le mpunyela ibhale kule nkundla namuhla ukuthi bangakhononda abakhonondayo kodwa kuzobadla u$8.