UNOZI ubonga uxhaso alukhonjiswe ngabantu baKwaZulu-Natal, kuhlanganise nohulumeni wesifundazwe njengoba esesesigabeni sokugcina sohlelo ama-Idols SA Isithombe: SIGCINIWE
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZuluNatal, u-Amanda Bani-Mapena, ugqugquzele abantu bakulesi sifundazwe ukuthi bavotele uNozi osimele emncintiswaneni ama-IdolsSA.
UNozi odabuka eThekwini, usesele kwabathathu abaphambili emncintiswaneni wabaculi okhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto ngo-5 ntambama.
UNozi sekunguye yedwa omele isifundazwe ngemuva kokukhishwa kwabanye baseKZN ayesesele nabo kwiTop 10.
“Kuyagqugquzela futhi kuyajabulisa ukubona uhambo lukaNozi, kusuka engenela kuya kwitheatre week nakuzo zonke izigaba zomncintiswano kuze kuba uba kwiTop 3 yesizini ka-18 yama-Idols,” kusho uBani-Mapena.
“Ithalente lakhe liyamangalisa futhi ngempela ikusasa lomculo lakulesi sifundazwe liqhakazile. Simfisela inhlanhla futhi sinxusa wonke umuntu ukuthi ameseke ngokumvotela.”
Ekhuluma neSolezwe uNozipho Sibiya, odume ngelikaNozi kulolu hlelo uthe wayezazi ukuthi unekhono kodwa ukufica abanye abanekhono eliyisimanga ohlelweni, kwenze wazibona ezoshesha ukuphuma kulo.
“Ngiyamangala ukuzibona lapho ngikhona. Ukuba kuloluhlelo yinto engelula ngempela kodwa ngamandla oMdali ngifikile esigabeni sokugcina sohlelo. Ukufika lapho engikhona kuyimpumelelo enkulu kimi. Uma nje kungathi wangidla umhlanganiso, ngizosebenza kanzima endimeni yomculo ukuze ngiqhubeke nokuzakhela igama. Ngizoqhubeka nomkhakha wamabhizinisi ebengikuwona njengoba ngigxile ekuziphaquleni nemfashini,” kuchaza intokazi yasesigcemeni kwaP, eMlaza.
Uthe uyalubonga uxhaso kubona bonke abantu basesifundazweni iKwaZulu-Natal, kanjalo nohulumeni wonke wesifundazwe.
Ukumvotela uNozi uthumela iSMS enenombolo u-4 ku-37400.
NgeSonto kukhishwe uTy Loner.
Ozodla umhlanganiso emncintiswaneni uzothola imiklomelo engaphezu kukaR1million.
Related Topics: