ZODWA Wabantu Isithombe: INSTAGRAM
BASALE beshaqekile abantu abebebuka uhlelo lukaZodwa Wabantu oluthi Zodwa Wabantu Uncencord kuMoja Love, eveza izindaba ezishaqisayo.
Lo nontandakubukwa odume ngokudansa ngedilozi ezindaweni zobumnandi umatasa kulezi zinyanga ngokuzithwasisa.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule waphonsela umphakathi inselelo ngokuthi wamukele umsebenzi wokuqwayiza ngoba abawenzayo basuke besebenza. Washo lokhu ngesikhathi evele emdlalweni iThe Black Door. Ethi yena uyilokhu ayikho ngenxa yokunikezwa ithuba ngabenza lo msebenzi.
"Laba bantu besifazane nemisebenzi yabo, bangivulela umnyango. Manje sengaziwa njengomdansi ngenxa yokuthi ucansi luyadayisa. Nami ngidayisa umzimba wami."
Inkulumo yakhe kayizange ibamangaze abaningi ababemsola vele ngokuthi uke waqwayiza vele.
Inkulumo yakhe yakamuva ohlelweni iZodwa Wabantu: Uncensored, ishiye abantu bebambe ongezansi ngesikhathi eveza ukuthi empilweni yakhe usehushule izisu ezingu-11.
Abantu baphawule kanje ezinkundleni zokuxhumana:
Maria Khoza: Unamanga uZodwa umzimba wakhe uyakuphikisa lokho. Uyaluthanda udumo inkinga yakhe, useze ufuna udumo nangezinto ezingekho. Cha ngiyamphikisa lapho phela ngabe usuya theregela umzimba wakhe.
Mbalenhle Vilakazi Mphephethwa: Sekusele kancane asho obaba bazo abadumile lezingane azikhiphile.
Nomusa Zwane: Hmmmm yingakho eseyile nto ayiyo ukuthula akakutholi, iyakhala imiphefumulo yalezi zingane 😭😭😭hey Nkosi iba nomusa kuye.
Related Topics: