Ezokungcebeleka

Isasasa kwethulwa i-The Woman King

Mbali Khanyile|Published

SIMINYAMINYA sezimoto ebezivimbanise ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iGateway, eMhlanga, siholele ekutheni intokazi yakuleli edlala indawo eqavile efilimini, i-The Woman King, itheleke ngemuva kwesikhathi.

Umcimbi wokwethulwa kwefilimu ubuseSter Kinekor, eGateway.

Bekuhlelwe ukuthi uqale ngo-4:40 ntambama ngoLwesihlanu.

Kuthe uma kucaca ukuthi uThuso Mbedu akaqhamuki futhi sekusondele isikhathi sokubukwa kwefilimu eqale ngo-5:30, abahleli bomcimbi batshela izethameli ukuthi aziphuthume ecinema.

Yize umcimbi ungaqalanga ngesikhathi, kugqame isasasa kuwo njengoba ubuhanjelwe nawosaziwayo abehlukene baseThekwini.

Phakathi kwababonakale kuwo kubalwa umsakazi woKhozi FM uMroza Buthelezi, obehambisana noprojusa wohlelo lwabo lwasekuseni, uBabheke Mthethwa, uSandile Dlamini odlala indawo kaPhakade kwiMbewu: The Seed, uNokubongwa Khuzwayo olingisa indawo kaZakithi, Makhosi Khoza weVuma FM nabanye.

Uthe efika nje uThuso, ehambisana noJohn Boyega, alingisa naye kwiThe Woman King waphuthunyiswa ecinema. Omunye umlingisi wesifazane odlala indawo eqavile efilimini, nguViola Davis waseMelika. Kanti abanye osaziwayo abakuleli abalingisa efilimini, kubalwa uSivuyile Ngesi, Zozibini Tunzi, Makgotso M noTuks Tad Lungu. Ifilimu ebibhekwe ngabomvu kuleli, yethulwa ngoSepthemba 10, eMelika.

UThuso, intokazi yaseMgungundlovu ulingisa indawo kaNawi, uqale ngomjikelez owokuhambela izithangami zabezindaba ebezihlelwe emadolobheni ehlukene kuleli. Wahambela nezikole ezahlukene eGoli, kanjalo nezikhungo zemfundo ephakeme.