Ezokungcebeleka

Akuye ngamagama enkehli

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUBE ubuwaqawaqa uCassper Nyovest egingqa uzakwabo uPriddy Ugly kowamankomane ngoMgqibelo ebusuku, isithombe: TWITTER

KUBE wubuwaqawaqa uCassper Nyovest egingqa uzakwabo uPriddy Ugly kowamankomane ngoMgqibelo ebusuku eSunbet Arena, ePitoli.

Lo mdlalo abaningi bebewubheke ngabomvu ngoba ubuhambisana nezifungo nezithembiso ezinkulu.

Emasontweni amabili adlule, uCassper wanikele ezinkundleni zokuxhuma eveza ukuthi uma ehlulwa uzoyiyeka indaba yesibhakela, kodwa uma ewinile, uzocela insizwa yaseBergville, uBig Zulu esitikini.

“Ngizolwa noPriddy Ungly ngomhla ka-1 Okthoba emasontweni amabili azayo eSun Arena. Uma ngidliwa ngizosiyeka isibhakela. Kodwa uma ngiwina ngifuna ukulwa noBig Zulu.”

Izolo impela uCassper wenze ezibukwayo washiya abaningi bebambe ongezansi egingqa uPriddy Ugly ngesibhakela umdlalo usaqala.

Babodwa abakhale ngokuthi bathenge amathikithi abizayo bezobukela amanqampunqampu.

Abanye bebezibuza ukuthi yena uPriddy Ugly ohlulwe ngomzuliswano wokuqala, wake walwa kuphi, elwa nobani ngoba udidwe i-jab eyodwa wabona izinkanyezi.

Okumangaze abaningi uma kuphela umdlalo wukuthi uCassper ubesememeza abanye abantu abahalelayo okungu-AKA noNaak Muziq owake wambhibiza kodwa wangalithi vu elikaBig Zulu.

UPriddy Ugly uyivumile induku ebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi akekho oke wamqumba phansi ngesibhakela ngakho-ke uyambongela uCassper kuyacaca ukuthi usebenze ngokuzimisela elungiselela umdlalo wabo.

@Ngwane37643171: Uke alwe kodwa lo Priddy Ugly empilweni yakhe 🤣

@Moshe_Seaneho: UPriddy Ugly ubhaxabulwe uCassper phambi komkakhe uBontle Modiselle.

@Thato0711:#CasspervsPriddyUgly 😂😂 Hhaybo kwenzakaleni, ungicasule kabi uPriddy Ugly, ngomzuliswano wokuqala nje sekuphelile? 😲 Ngokuzayo kumele alwe nami, ngoba ngiyazi uzongishaya angiginqe phansi, lokho ngiyakwazi!