Ezokungcebeleka

Adonse amehlo ama-Q twins etheleka eMkhosini woMhlanga

Mbali Khanyile|Published

AMA-Q twins abehambele umgubho woMkhosi woMhlanga obuseNyokeni, KwaNongoma ngoMgqibelo Isithombe: TIK TOK

KUCHWAZE izintombi kutheleka amawele akaQwabe, abehlobe njengazo (izintombi) eMkhosini woMhlango eNyokeni, KwaNongoma.

UVirginia noViggy Qwabe (23) babonakale kwi-video abayinameke ezinkundleni zokuxhumana, evunulike ephethe umhlanga.

Kule vidiyo kuphinde kubonakale izintombi ezihambele umgubho, zijabulela labaculi.

Imizamo yokuthola amawele ayiphumelanga njengoba ucingo lwawo belungangeni.

Imenenja yawo, uSenzo ikuqinisekisile ukuthi ama- Q twins abehambele uMkhosi woMhlanga.

"Ama-Q Twins ayile eMkhosini woMhlanga kodwa angikwazi ukwanda kakhulu. Kuzomele kube ibona abazikhulumelayo" kusho imenenja.

Abalandeli bamawele bebelokhu bewancome njalo ezinkundleni zokuxhumana.