UMREPHA ozalelwe eZimbabwe, kodwa osezinze kuleli uNadia Nakai, udalule ngokuqokwa kwakhe emcimbini wase-USA, amaBET hip-hop Awards. Uthi kumfundisa ukuthi akumele uphele amandla noma abantu bangathini ngomsebenzi wakho.
Akuyena yedwa owakuleli oqokwe emunxeni weBest International Flow, nomrepha waseThekwini uBLXCKIE ukhethiwe.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uNadia, uthe yize izindaba ezithole enkundleni yokuxhumana iTwitter kodwa ujabule kakhulu.
Embhalweni awubhale kwi-Instagram uveze ukuthi ujabule ngokuqokwa futhi kusho lukhulu kuye.
“Ngiyabonga kakhulu kwabakaBET Africa. Lokhu kimi kuyisifundo sokuthi ungavumeli abantu bakudicilele phansi futhi bakwehlise ngomsebenzi wakho. Ungakuyeki okuthandayo ngenxa yabantu noma bangathini, noma bengakholelwa kukhona akunandaba. UNkulunkulu uzokwenzela,” kubhala uNadia.
Kulo munxa baqhathwe nabanye abaculi okubalwa uBenjamin Epps waseFrance, uBlack Sherif waseGhana, uCentral Cee wase-UK, uLe Jiuce waseFrance, noTasha & Trace baseBrazil.
UMonde Twala weBET Africa ubongele uNadia noBLKXIE ngokuqokwa kwabo. Wathi kuyajabulisa ukubona amaciko ase-Afrika, ebonakala emicimbini emikhulu enjengalena futhi ephakamisa umuntu omnyama.
Umcimbi uzoba ngoSepthemba 30, eCobb Energy Performing Atrs Centre e-Atlanta, e-USA.
Kuleli uyobe usukhonjiswa kwiBET (129), ngo-Okthoba ngo-7.30 ebusuku.
Related Topics: