SELUKHISHIWE usuku lomcimbi omusha wamankomane ohlelwa wumrepha wakuleli uCassper Nyovest.
Umcimbi obizwa ngeCeleb City, ulandela owokuqala owawungo-Ephreli owawuphakathi kwakhe umrepha nozakwabo obuye abe ngumlingisi uNaakmusiq.
Owokuqala wawunedumela, wenziwa eSun City, eNorth West. Amathikithi akhona ayemba eqolo ngoba ayehlanganisa inkokhelo yendawo yokulala, ukubukela amankomane neminye imicimbi eyayihleliwe njengoba uhlelo kwakungolwempelasonto yonke.
Kulokhu, uCassper uzobhekana nozakwabo owayekade emhalela ngesibhakela uPriddy Ugly ngomhla ka-1 Okthoba eSun Bet Arena.
Ngokusho kwakhe balindele abantu abangu-10 000. Amathikithi aseqalile ukudayisa ngoR350.
UCassper umemezele usuku lomcimbi engekho kuleli, ubehambele amazwe ahlukene ngochungechunge lwemicimbi ayenzayo.
Izolo ufake ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ulubangise kwelama-Arab eDubai njengoba ephuma eLondon lapho abenandisa khona.
Cassper doing things in the UK 🇬![CDATA[]]>🇧 pic.twitter.com/7IFGAkhaX6
— MulindaV01 😎![CDATA[]]>💦 (@MulindaV01) September 6, 2022
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bababaze ukuthuthuka kwakhe njengoba ebengcebeleke nengwazi ye-hip hop uBusta Rhymez.
Related Topics: