Ezokungcebeleka

Lisematheni ivukuvuku elinguDJ Sbu

Nonkululeko Nhlapo|Published

UZIZWA ethobekile uDJ Sbu ngethalente lowesilisa omkhiphe enjengoba enjalo, ngesikhathi egunda omunye umuntu.

UDJ usematheni ngokuba yivukuvuku elinobhebhenene wentshebe nezinwele ezilengayo. USbu ujatshuliswe ngowesilisa ozichaza njengomlandeli wakhe omkhulu, ogunde omunye wenza isitayela esifana naye ngqo.

Owesilisa owaziwa [email protected] unikele ezinkundleni zokuxhumana eveza isitayela esisha sikaDJ Sbu, asigunde ikhasimende lakhe.

Lo mlisa ubhale ukuthi yindlela ahlonipha ngayo uDJ owaziwa ngokuba yiphanta futhi uyamkhuthaza njengosomabhizinisi. Naye uyafuna ukuthuthuka emsebenzini awenzayo.

Indlela abukeka ngayo lo ishiye abaningi bephoxekile ngokuthi akaselona leliya geza lensizwa ayayithandeka futhi izithanda. Exoxa nozakwabo uPenuelwe kwiPodcast, The Virtual Mkhukhu ngokuthi kungani esebukeka njengoskhotheni futhi esegqoka izimpahla ezizodwa zombala ompunga.

USbu uphendule ngokuthi yisinqumo asithathile sokwenza okuhlukile, akhulise izinwele zakhe ngoba uyaqala ukuzikhulisa.