UGATSHENI uthi abamqondi abamgxeka ngengoma yakhe agcine eqokwe ngayo emikhakheni ebalulekile yamaSatma Isithombe: SITHUNYELWE
UKUQOKWA emikhakheni emibili ebalulekile kumaSouth African Traditional Music Awards (Satma), kukaGatsheni, uthi yikhona okucacisayo ukuthi wayengabhedi ngengoma yakhe ethi Emendweni njengoba agxekwa ngayo kuthiwa ubheda ulimu lwesizulu.
UGatsheni uqokwe emkhakheni weBest Maskandi Artist nakwiMost Voted Song of the Year emiklomelweni ezoba ngo-Okthoba 1.
Ingoma yakhe aqokwe ngayo isematheni kulo nyaka njengoba kukhalwa ngokuthi izinhlamvu zayo zimveza njengomuntu ongasazi isiZulu. Ezinye izinhlamvu zayo zithi: “Umfazi oshaya umthetho ngeke agane.”
Exoxa neSolezwe ngeSonto, uGatsheni uthe, abantu abamqondi.
“Indlela engibhala ngayo izingoma inomqondo ocashile. Yingakho abanye bazitshela ukuthi ngiyabheda uma ngisho kanje. Okungijabulisayo wukuthi abamaSatma babubonile ubuciko engibusebenzisile ukubhala le ngoma ngoba bebengeke bangiqoke ngisho okungekhona. Esengikuthandazela wukuthi ngiwine kuyona yomibili imikhakha. Kuzobe kungokokuqala ngiwina izindondo ezinkulu ngalolu hlobo. Noma kungijabulisa ukuthi ngiqokiwe kodwa kuzobe kungenele uma ngingawinanga,” kusho uGatsheni.
Kumaskandi uGatsheni wuyena, uDumakahle noMasinga abamele omaskandi kumaSatma baqhathwe emunxeni owodwa weBest Maskandi Artist. UGatsheni ubadlule ngokuphinda aqokwe kwiMost Voted Song of the Year, okunguyena kuphela umculi waKwaZulu-Natal okhona kuwona.