Ezokungcebeleka

Bacikekile ngefulegi elizodla uR22 million

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUCASUKE abaningi ngenkulumo kaNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa ngefulegi elizodla izigidi zamaRandi alichaza njengqayizivele yohlelo oluzokwakhela isizwe umlando omuhle.

Echaza ngohlelo lwefulegi olubekelwe imali engangoR22 million, uMthethwa uthi lingamamitha angu-120 ubude, libe wu-10x15m ububanzi.

Uthi okuhle ngalo wukuthi ebusuku liyakhanya, okusho ukuthi abantu bazokwazi ukulibona ebusuku kuqhubeke ukufunda ngezwe.

“Ubukhulu balo busondeza eduze imboni yezinsimbi ngoba ukwakhiwa kwalo kusho ukuthi kuzodingeka izinsimbi ezinkulu, ogandaganda abakhethekile nezinye izinsiza zokwakha,” kusho uMthethwa.

Lokhu kucasule abaningi abanikele ezinkundleni zokuxhumana bezeva ukuthi kuningi angakwenza ngemali enkulu kangaka.

@Undlunkulu_Xoli: Ngicabanga ukuthi sesibekezelele izinto eziningi ezingafanele kusuka ezikhulwini zikahulumeni ezifana noNathi Mthethwa. Ifulegi likaR22 million liyinhlamba kubakhokhi bentela.

@King_Nkuli: UNathi Mthethwa waqashwa ngumengameli kulesi sikhundla. Uma esekhona, kumele samukele ukuthi umengameli uthokozile ngaye. Umele yena - uyingxenye yobuholi bakhe obuthe bufuna ukuba khona naye. Thuma Mina

UBonang Matheba ongumethuli wezinhlelo kuleli, uhluleke ukuzibamba naye wabhala kanje kwiTwitter eqondise kuNathi Mthethwa: “Awunamsebenzi waluthu futhi siyakuzonda.”

Iqembu i-EFF ikhiphe isitatimende ligxeka isinqumo sikaMthethwa. Inxuse ukuthi uMthethwa athathe le mali enze umsebenzi ophusile ngayo.