Ezokungcebeleka

I-e.tv yenza okungalindelekile emncintiswaneni we-The Morning Show

Fanelesibonge Bengu|Published

BOLELE POLISA

KWENZEKE obekungalindelekile emncintiswaneni wokubheka umethuli omusha ohlelweni iThe Morning Show ku-e.tv, ngesikhathi beqashwa bonke abahlanu abebesele.

Lo mncintiswano obuqhutshwa ezinkundleni zokuxhumana usongwe ngoLwesihlanu, lapho bekufunwa ozongena kulolu hlelo olubonakala ngo-6 kuya ku-8.30 ekuseni, phakathi nesonto.

Abahlanu abebesele ngoMinnie Ntuli obengumsakazi we-East Coast Radio, Kareen Mthethwa, Bolele Polisa, uKgosi Rankhumise noTsholo Rabotsho.

Njengoba bekulindeleke ukuthi kumenyezelwe oyedwa, kugcine kumenyezelwa ababili. Kuqashwe uBolele noKgosi njengabethuli bohlelo. Kuthiwe laba abanye abasele ngeke babe ngabethuli kepha kababuyeli emakhaya, kunalokho bazoqashwa ethimbeni elihlanganisa uhlelo.

“Ngisashaqekile. Ngijabule futhi ngiyaziqhenya ngoba ngicishe ngangangenela ngizingabaza,” kusho uBolele.

Uthe ujabule ukuthi laba abanye abangaphumelelanga bazoqhubeka nokusebenza nabo ngoba ukuba emncintiswaneni kubakhele ubungani.

UKgosi uthe uthumele umngenelo wakhe ngosuku lokugcina ngoba enokungabaza.

Laba bobabili baqalile izolo ekuseni ukubonakala ohlelweni. UKgosi uthe kuyamangalisa nokuzwa abantu bebahalalisela. Uthe abazingabazayo kumele babhukule.

Kgosi Rankhumise

“Mhlawumbe ukhathazekile ngebhizinisi noma ngomsebenzi kodwa phuma wenze,” kusho yena.

Bathe bazizwa besekhaya yize kunovalo oluncane kodwa bayalijabulela ithuba.

Laba bajoyina uNelisiwe Nxumalo noWilliam Lehong.