UKHWELE wadilika uMcG kulaba abahlaba indlela abuza ngayo imibuzo nendlela asebenzisa ngayo amagama alumelayo ohlelweni lwakhe iPodcast and chill with McG.
UKHWELE wadilika uMcG kulaba abahlaba indlela abuza ngayo imibuzo nendlela asebenzisa ngayo amagama alumelayo ohlelweni lwakhe iPodcast and chill with McG.
Lokhu kulandela umsindo osuke ezinkundleni zokuxhumana mayelana nendlela abuza ngayo imibuzo abaningi, bebemsola ngokuthi iyona esuse udweshu phakathi kukaJub Jub nomlingisi u-Amanda Du Point.
Ekhombisa ukudinwa uMcG ubuze ukuthi kuyicala yini kanti ukuthi uyakwazi ukwenza umsebenzi wakhe? Uma ngabe abanye abethuli bezinhlelo bemema osaziwayo ezinhlelweni zabo kulungile, kodwa yena uma ngabe ekwenza kuyicala?
“Siziqalele thina lolu hlelo, ngaphandle kosizo lwamuntu. Akekho noyedwa usaziwayo owake wafaka isandla okanye uhulumeni,” kusho uMcG
Uqhube wathi bona bazenzela into yabo abanakile ukuthi abanye abantu bathini.
“Lesi isitayela sethu nendlela esenza ngayo izinto kunenqwaba futhi yabantu abaluthakaselayo uhlelo nendlela esenza ngayo.
UMc G ubatshele kwezikabhoqo, wathi yena ngeke aluvale uhlelo lwakhe futhi ngeke aze ayeke ukumema osaziwayo ohlelweni lwakhe. Uma ngabe kukhona onenkinga ngalokho akahambe ayoziphonsa eweni.
“Asiyi ndawo thina, uma ngabe abalandeli bethu bengakasho ukuthi asiyeke sisazoqhubeka ngoba yibona bantu esiphendula kubona futhi esibakhathalele,” echaza
Ugcizelele wathi isazohamba lenqola kuyoze kukhumuke amasondo. Uthe ngeke bawuyeke umsebenzi wabo ngoba nakhu kunabantu abayidlanzana abakhulumayo futhi abangazi ukuthi baqhamuka kuphi bengazi nokuthi yini inhloso yalolu hlelo.