Ezokungcebeleka

'Kunqabe umusa' uThinah Zungu esinda engozini

Phumelele Nxumalo|Published

USINDE engozini yemoto uThinah Zungu eVerulam eThekwini ngoLwesithathu. USINDE engozini yemoto uThinah Zungu eVerulam eThekwini ngoLwesithathu.

UBONGA uMdali umculi wowokholo waseThekwini uThinah Zungu (30) obe sengozini yemoto ngoLwesithathu eduze kwaseVerulam eThekwini.

UThinah uthi ubephuma eVerulam elibhekise ngaseNanda ngesikhathi imoto ebihamba ngasohlangothini olungaphesheya iqonda kuyena. 

"Ngithe uma ngibona ukuthi iza ngakumina ngazama ukuyibalekela yase imoto yami yaphaphalaza yaphuma emgaqweni yayobhajwa ezansi kude buduze nomgwaqo. Le moto ebengiyibalekela ayizange ime ukuhlola ukuthi angilimalanga yini," kuchaza yena. .

Uthe ngenhlanhla akukho ukulimala akubonayo emzimbeni wakhe, kodwa imoto ithintekile.

"Akukho ukulimala engikubonayo. Ima ngizoya kudokotela manje ukuqinisekisa ukuthi kangilimalanga" kusho yena.

Lesi sihlabani esazakhela udumo ngengoma yaso ethi ' kwanqab'umusa' sibonge umdali ngokusinda komphefumulo waso ekhasini laso lika Instagram, kanti nabalandeli baso bazwakalise ukubonga khona ku- Instagram ngokusinda kwakhe.

View this post on Instagram

Nam angazi ngiphunyuke kanjani namanje ngisamangele .....Kunqabe umusa I'm ok dat what matters God is good ,I had an accident last night imoto yaphaphalaza thanx God ayiphendukanga and I'm not injured I'm still gonna do my weekend events

A post shared by Thinah Zungu(@thinahzungu) on Aug 15, 2019 at 2:14am PDT

Amaciko aseKZN nonyaka abukeka ehlaselwe yizingozi. Iqembu lomculo, Iziqhaza, okunguKhanyisa noMbongeni balimale kanzima engozini yemoto ebashiye besesibhedlela nonyaka. Umlingisi womdlalo osihloko sithi eHostela, uLungelo Mpangase, obedlala indawo kaKhethiwe washayiswa yimoto walimala umgogodla ngenyanga edlule kanti usagqigqa odokotela.