Neboni baze balibona ukuthi liqamba amanga lithi libelethe umntwana lisho libelethe indoda engasuki emhlane walo.
OkaVolos kungathiwa ukhuluma amanga uma ethi abantu besifazane abagcini ngokubeletha abantwana kuphela kodwa baphinde babe nekhono lokubeletha namadoda.
Uma ungazi ubona isiqukaquka sendoda enkulu ungacabanga ukuthi akekho umuntu wesifazane oyibelethayo.
Ucwaningo luyakuveza ukuthi umuntu wesifazane wadalwa wabusiswa ngamandla nangekhono lokukwazi ukubeletha izinto ezisindayo njengendoda.
Okuyikhona okuthandwa ngumuntu wesifazane ukuthi indoda kumele ikhombise ukuthi ithanda umhlane wakhe kuphela.
Owesifazane uyacikeka uma ethola ukuthi ubelethe indoda kodwa yona iyagxumagxuma ifuna ukwehla iyokotela emhlane womunye umuntu wesifazane.
Okuyikhona okwephula inhliziyo yomuntu wesifazane wukuthi usuke ezitshela ukuthi indoda iyeneliswa wumhlane wakhe kodwa ashaqeke uma eseyibona ikhalela ukuyobeletha emihlane yabanye abantu besifazane.
Lokho kushiya isithombe esibi sokuthi indoda ayisayizwa imfudumalo yomhlane wakhe, yingakho isihamba izingela imihlane emisha ezonkonkoshela kuyona.
Akukhathaleki ukuthi owesifazane unenhliziyo enhle kanjani kodwa ijika igaye izibozi uma ethola ukuthi ubelethe indoda enguphunyuka bemphethe egcogcoma nayo yonke imihlane yabesifazane.
Uma ungumuntu wesifazane ongakaze ahlangabezane nenkinga yokuthi uhlushwe yindoda ikhale uyibelethile sengathi umhlane wakho unameva, ngicela uthule ngoba awulwazi usizi.
Ngokomthetho kufanele ngabe iboshwa ngamaketango nezingidi zasejele imbeleko yokubeletha indoda ngoba ayikhuzeki uma seyisukwe wusinga lokulobizela umhlane engawazi.
Okufike kube kubi kakhulu ngokubeletha indoda wukuthi ayifani nengane ethulayo uma ibelethiwe, indoda uthi uyibelethile iphinde ikhulume ithi ifuna uyigone uyiqabule uze uyincelise.
MaSolezwe siyavuma ukuthi abantu besifazane babizelwe kulo msebenzi wokubeletha amadoda kodwa akufanele bethweswe umthwalo wokuthi babelethe amadoda zonke izinsuku.
Kuyiqiniso ukuthi kunamadoda angasafuni ukulala engabelethiwe, uthole ukuthi indoda ikhonga ubuthongo ngokuthi ibekwe emhlane, uma umhlane ungekho kusho ukuthi iyopaquza kuze kuse emnyango ingalele.
Amadoda kufanele aqonde ukuthi ukubelethwa kuwumusa awunikwa abantu besifazane, uma ubelethiwe akufanele uphatheke kabi uma sewehliswa.
OkaVolos usebuchaze bonke ubunzima bokubeletha indoda kodwa akafuni ukulibala yiphuzu lokuthi kuyamcasula umuntu wesifazane ukuthi abelethe indoda engamondli.
Umbuzo uthi uzowathathaphi amandla okubeletha indoda ungadlile ngoba indoda ikudovadova iwaqede wonke amandlana obuthi unawo.
Yingakho kubalulekile ukuthi indoda nendoda iwondle umhlane ebeletha kuwona ngoba akukuhle ukuthi umuntu ajabulele umhlane ofudumele kodwa angazihluphi ngokuthi ufudunyezwa kanjani.