DJ Lag DJ Lag
“Ngiphelelwa amazwi ngoba angiyikholwa le ndaba. Imina ngempela lo?" kubuza uDJ Lag.
Kuleli sonto uBeyoncé uveze uhla lwezingoma zakhe ezintsha apike kuzona abaculi balapha e-Afrika.
Lezi zingoma zihambisana nefilimu entsha neqale ukubukwa emabhayisikobho ngoLwesihlanu iLion King. UBeyoncé ukhiphe i-albhamu egcwele ehambisana nale filimu iThe Lion King: The Gift.
Enye yezingoma ezikule albhamu ididiyelwe uDJ Lag (osesithombeni) futhi ishaya ngesigqi segqom' nokuyisona adume ngaso.
Exoxa neSolezwe ngeSonto eseBarcelona, uDJ Lag uthe uBeyoncé wathatheka emculweni wakhe ngesikhathi elapha eNingizimu Afrika kwiGlobal Citizen ngoDisemba nyakenye.
“Wangena esteji ngengoma yami ngajabula. Ngakusasa ngashayelwa ucingo umuntu osebenza naye uBeyoncé sahlangana naye eThekwini. Wangitshela ukuthi uBeyoncé uwuthandile umsebenzi wami ucela ngibathumele umsindo wezinsimbi. Ngahambisa izingoma eziyisithupha.”
Uthe kwathula kwaze kwathi ngo-Ephreli babuya bathi bathande ezimbili. Wamenywa ukuya e-studio eLos Angeles kuyohlanganiswa umculo kodwa wangambona Beyoncé.
Uveze ukuthi emva kwalokho wasayina isivumelwano sokungayithi vu le ndaba.
Ingoma ayididiyele ethi My Power kaBeyoncé upike kuyona uTierra Whack, Busiswa, Yemi Alade noMoonchild Sanelly. Le mpumelelo uthe ubona izomthokozisa unina uZandile Mbele ngoba wayengafuni angene emculweni efisa agxile esikoleni.
Abanye abapikwe kule albhamu oKendrick Lamar, Childish Gambino, Wizkid, Burna Boy ukubala abambalwa.