UMBUZO: Ngingowesilisa ngithandana nosisi onezingane ezimbili zobaba abehlukene.
Ngiyamthanda naye uyangithanda futhi le nto yethu iyaqhubeka, inkinga ekhona mina anginaye umntwana futhi kunzima nokwazisa abazali ngomuntu okanje.
Manje icebo lami belithi angimtholise owami umntwana kuqala noma ngiyithole eceleni yikhona kungezozwakala kabi kubantu abadala.
Manje angazi noma kulungile yini lokho. Ngicela ungicebise.
IMPENDULO: Kumele ukuqonde ukuthi uma uthandana nomuntu usuke ungenzeli abazali futhi abanalo ilungelo lokukukhethela ukuthi ngonjani umuntu okumele uthandane naye. Okwabo nje ngukukweseka.
Usisi uthandane naye wazi kahle ukuthi unezingane ezimbili kobaba abahlukene ngakho-ke angazi ukuthi yini entsha manje?
Uma ufuna ukutholisa omunye umuntu ingane lokho kuzobe sekufana nokuhlukumeza yena, kubuye kuhlukumeze nalo muntu ozomtholisa ingane maqede umshiye kanjalo.
Yazisa abazali bakho ngoba akulona icala ukuthanda umuntu onengane nomunye umuntu.
UMBUZO: Sengithandane nowesilisa iminyaka emine, akaze angithole ngisephutheni kodwa yena uyawenza. Uma esenentombi akwenzeki ngingaboni ngoba osisi athandana nabo banokungithuka.
Ngamtshela ukuthi ngicela angihloniphe angiyithandi le nto yokuthukwa ngoba nami angithuki muntu ngisho iselula yakhe angiyazi nokuthi ivulwa kanjani ngoba ngazitshela kuthi angizanga kuyo kodwa ngeza kuye. Kwaba sengathi uyezwa kodwa kulo nyaka kwenzekile ngakhulelwa ngamtshela wangaba nankinga nalokho.
NgoJuni uphinde wathola enye intombi nayo iyangithuka inkinga kuyangehlula ukumelana nayo ngamagama. Ubhuti lona uba khona endlini ngempelasonto ngenxa yomsebenzi awenzayo kepha manje useba nale ntombazane.
IMPENDULO: Angifuni ukudlala ngawe dadewethu, indoda yakho ayizwa, ayikuhloniphi futhi ayinandaba nawe.
Le nto eyenzayo ikhombisa ngokusobala ukuthi ayikukhathalele nakancane.
Kubi ngoba njengamanje ukhulelwe futhi-ke kulesi simo obhekene naso akudingeki ube nomzwangedwa. Njengoba uzamile ukubonisana nayo kodwa yangakulalela, ngicela uzenzele umusa ukuze ubelethe kahle, vele uzithulele uzibukele.
Uma kungukuthi nihlala ndawonye ngicela uke uhambe uyoshawa umoya ekhaya kini, uyishiye ngokuthula ngoba vele anishadile.
Kuyacaca ukuthi indoda yakho ayizimisele ngokushintsha kunalokho yenza izinto zibe nzima kakhulu kuwena ikakhulukazi njengoba uzithwele. Yebo ngiyazi uyamthanda kodwa mhlawumbe uma umshayisa ngomoya kancane, ingqondo izovuleka.
UMBUZO: Ngingowesifazane oneminyaka engu-28, ngithandana nobhuti engahlangana naye kuFacebook ngabona izithombe zakhe zizinhle. Sathandana kwaze kwafika ilanga lokuthi sihlangane.
Uma sesihlangana ubhuti akayona le nto engayibona esithombeni angizange ngifune ukumphoxa ngathula ngenza sengathi konke kulungile.
Manje nginenkinga mina angimthandi lo bhuti mubi kodwa angazi ngizomtshela kanjani ngoba usengenzele izinto eziningi.
Sinezinyanga ezintathu sithandana kodwa usengithengele iselula, wathengela nengane yami izimpahla uthi ufuna ukungilobola manje angazi ngenzenjani ngoba angimthandi futhi angifuni ukumzwisa ubuhlungu. Ngicela usizo.
IMPENDULO: Angikuqondi ukuthi kwasekuqaleni uvume kanjani ukuthandana nomuntu ongamthandi.
Lolo thando lwenu lonke lwakhiwe ngamanga ngoba naye akazange athembeke kuwe ngezithombe, mhlawumbe naye ubesaba kona ukuthi kungenzeka ungamthandi.
Angiqondi futhi ukuthi uzivume kanjani izinto akwenzela zona ekubeni ungamthandi ngoba manje kuzoba sengathi ubuzomqola.
Sisesincane kabi isikhathi enisasithandanile usangakwazi ukuphuma uma kungukuthi awumfuni ngempela kodwa-ke ungazisoli kusasa ngoba le ndoda ikhombisa ukuthi iyakuthanda.
UMBUZO: Ngingowesifazane bengikhulelwe kodwa ngebhadi isisu sachitheka kanti lo bhuti ubesehlele ukuyovela ekhaya.
Manje usecula elinye iculo selokhu kwenzeke le nto uzwakala sengathi useyangabaza ukuya ekhaya nokungibonisa ngokusobala ukuthi ubezoya ngoba kukhona ingane, akanandaba nami.
Ngihlukumezekile ngisezinhlungwini kufanele engabe uyangiduduza kodwa kunalokho ungishaya ngomzimba sengathi yimina obe yimbangela yokuchitheka kwesisu. Ngicela ungibonise sisi.
IMPENDULO: Kubonakala sengathi uyise wengane yakho naye usadidekile ngale nto eyenzekile. Mhlawumbe ubesenethemba elikhulu lokuthi uzoba nomntwana.
Le nto kumele nibhekane nayo nobabili ngoba ingane ngeyenu nobabili. Ngikholwa wukuthi uyakuthanda futhi kumele azi ukuthi nisengaphinda niyithole enye ingane.
Okwamanje ngicela umnike isikhathi aqale aphole emoyeni ebese uzama ukukhuluma naye umbonise ukuthi uma ekuthanda ngempela kuzomele aqhubeke nokuya kini yikhona nizokwazi ukuphinda nizame.
Elawini likaMaGumede