UDJ Fresh osexoshiwe kwiMetro FM UDJ Fresh osexoshiwe kwiMetro FM
ISABC ishicilele isitatimende ngoLwesibili ntambama iqinisekisa ukuthi isiyinqamulile inkontileka yayo noDJ Fresh, kulandela ukunqaba kwakhe ukuxolisa ngokuthuka inhlamba emoyeni.
“Sinqamule inkontileka kulandela ukuma kwezingxoxo phakathi kwabaphathi beSABC noThato Sikwane (DJ Fresh) mayelana nokusebenzisa amagama ayinhlamba emsakazweni okwaholela ekutheni iSABC itholwe inecala yiBroadcasting Complaints Commission of South Africa. Ngaphezu kwalokho, ukuziphatha kwakhe kwehlise isithunzi seSABC,” kusho isitatimende seSABC.
Kuthiwa uFresh unikeziwe ithuba lokulungisa amaphutha akhe kodwa wanqaba.
“Ngokwencwadi yangoJuni 28, ummeli kaMnuz Sikwane wathi, “kuyisicelo somuntu esimmele ukuthi abuyele emsebenzini njengamanje noma okungenani ngoJulayi 15, 2019. Kumele kuqondwe kahle ukuthi ngeke axolise (emsakazweni) ngalolo suku. Lokho kuyashayisana nokushiwo uMnuz Sikwane esitatimendeni sangoJulayi 8.
Ngemuva kwemibiko evele emaphephandabani ngeSonto, uFresh ngoMsombuluko ushicilele isitatimende lapho achithe khona ukuthi wanqaba ukuxolisa kubalaleli ngokusebenzisa inhhlamba esakaza.
Ephawula uDJ Fresh kulesi sitatimende uthe engathanda ukubuyela emsakazweni kodwa akazi lokho kuzokwenzeka nini.
“Sengisebenze emsakazweni kusukela ngo-1992 futhi uthando lwami lomsakazo luyakhula nsuku zonke. Sengibe nobudlelwano obuhle nabalaleli engikhulele kubo. Noma kukuningi okuhle engikwenzile emsakazweni, akukho soka elingenasici. Noma amagama engibuye ngiwasebenzise engekho mahle, ngikhuluma okusuka enhlizweni. Ngingathanda ukubuya emsakazweni kodwa angazi kuzokwenzeka nini lokho,” kusho uDJ Fresh.
Isikhulu esiphezulu seSABC uNada Wotshela sithe bazomemezela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ubani ozovala isikhala sikaFresh ohlelweni lasekuseni njengamanje olubanjwa abasakazi abahlukahlukene.