Ezokungcebeleka

UDJ Maphorisa obishini ngokugweva nemali

DELI MNCWABE|Published

U-DJ Maphorisa angase azithole esenkingeni uma edelela umyalelo wenkantolo ngokungayikhokhi imali okuthiwa ugweve nayo okwaqashwa ngayo umculi, uMlindo The Vocalist U-DJ Maphorisa angase azithole esenkingeni uma edelela umyalelo wenkantolo ngokungayikhokhi imali okuthiwa ugweve nayo okwaqashwa ngayo umculi, uMlindo The Vocalist

SINQUNYELWE ugwayi katiki yinkantolo yamacala emali yaseLukwatini eNhlazatje esifundazweni iMpumalanga isihlabani sikaphrojusa uDJ Maphorisa esisolwa ngokugweva noR20 000.

U-DJ Maphorisa uzithola ekulolu taku nje kungenxa yezinsolo zokunqwaha noR20 000 wenkampani ehlela imicimbi iKROM ethi yamkhokhela ngonyaka odlule.

I-KROM ithi yayiqasha kuMaphorisa uMlindo The Vocalist ukuba ayonandisa emcimbini okwakufanele ube ngoDisemba ngonyaka odlule.

UMphile Dube weKROM, uthe bazolwa kuze kufike ekugcineni.

“UMaphorisa uyaseya ngoba siyizingane futhi sibasha kwezikaqedisizungu. Sesiside isikhathi simncenga ukuthi abuyise imali yethu kodwa lutho, asisabise maqede asibhlokhe ocingweni,” kusho uMphile. Leli phephandaba liyibonile ikhophi yencwadi enesigxivizo sangoJuni 24, senkantolo yamacala emali.

UMphile uthe uMaphorisa umthumele kuWhatsApp incwadi ngoba akalazi ikheli lakhe.

“Ngimthumele kwiWhatsApp, kwavela ukuthi uyibonile ngokuthi kuvele imigqa eluhlaza okwesibhakabhaka kodwa wangangiphendula,” kuchaza uMphile.

Isolezwe ngeSonto nalo lenzeke esifanayo limbuza kuWhatsApp ngezinsolo, wafunda umyalezo maqede walibhlokha.

Isolezwe ngeSonto libikile phambilini ngesikhalo sale nkampani eyakhiwe amabhobhodlana uSandile Motha, Siyabonga Dube noMphile.

UMphile uthe babehlele umcimbi owawuzoba enkundleni eLukwatini kuzonandisa uMlindo The Vocalist nabanye abaculi bendawo.

“UMaphorisa wanquma uR20 000. Sayikhokha imali saqala ngoR16 000 idiphozi esayifaka eCapitec.

Kwasijabulisa ukubona ukuthi kuvela igama lakhe elithi Themba Sekowe ngesikhathi siyifaka, sabona ukuthi iya kuyena ngqo. Sekusondele izinsuku zomcimbi safaka uR4 000,” kusho uMphile.

Uthe izinkinga zaqala sekufanele baqophe i-video ababezoyifaka ezinkundleni zokuxhumana. Uthe uMaphorisa wayesedelela abuye ababhlokhe ocingweni. Uveze ukuthi kwaphoqa ukuthi umcimbi umiswe.

Phambilini uMaphorisa waphendula kwiWhatsApp waqala wathi akayazi iKROM.

Ngemuva kwesikhathi wathi: “Ngiyabazi labo bantu. Banentombazane eyayizama ukungiyenga, ifuna ukulala nami ukuze bangakhokhi ngokunandisa kukaMlindo.”

Wathumela nenqwaba yengxoxo phakathi kwakhe nabale nkampani. Kodwa wangafuna ukuphawula mayelana nemali okuthiwa wayikhokhelwa wathunyelwa nobufakazi basebhange.