bezinsuku zokugcina ezashiwo yiBhayibheli?
Ngikhathazwa yile nto yabantu abahlezi bengibhalela umuntu ekhala ngokuthi isoka lakhe lithandana nodadewabo okanye
intombi yakhe uthole ukuthi ithandana nomfowabo noma ubabambe oqotsheni bezithokozisa elawini.
Umbuzo wami uthi usithathaphi isibindi sokweshela umuntu owazi kahle ukuthi uthandana nomuntu wakwenu kuze kube impela nifinyelela esigabeni sokuzithokozisa ngocansi?
Uphi unembeza nenhlonipho ngoba mina ngikhule ngazi ukuthi isoka likadadewethu kumele ngilihloniphe ngingalibuki ngisho emehlweni angisayiphathi-ke eyokuhlala nalo ngixoxe udadewethu engekho, kuthini kuwe ngenkathi usubona ingane yakwenu ikhala izwa ubuhlungu bokuphunyukwa umuntu emthandayo ngenxa yakho?
Kungani sivumela ukulingwa nokuba ntekenteke sihluleke ukubamba imizwa yethu uma iwela endaweni engafanele?
Mina mhlawumbe ngenziwa ukuthi nginobukhaya kakhulu kodwa nje angiziboni ngithandana nesoka likadadewethu kuze kube siya ocansini impela.
Le nto ingithuse kakhulu sengiyibona nasohlelweni lwethelevishini i-Uyajola 9/9, ilapho engibone khona ukuthi abanye abantu banesibindi esesabekayo uma ukwazi ukujola nendoda kadadewenu ekubeni nihlala nonke endlini. Kuyacaca ukuthi uma kungathiwa mudlise ushevu ungamdlisa.
Akubona abantu besifazane abenza lo mkhuba kuphela kodwa bakhona nabesilisa abangakwazi ukuzibamba umuntu afikelwe izinkanuko uma ebona intombi kamfowabo.
Abanye bahlezi bengibhalela athi umuntu uhalela usingamama wakhe (stepmother) aze asho nokusho ukuthi muncane muhle futhi uyahluleka wukuzibamba.
Zonke lezo zinto zivele zingithuse ngoba ngisuke ngicabanga ukuthi uma unesibindi sokwenza ubulwane kumuntu wakwenu, ngamhla uvelelwa inkinga uyobikela bani?
Ngamhla uhlaselwa abantu uyosizwa ubani, ngamhla
ulambile uswele uyokhala kubani njengoba abantu abasondelene nawe ubazwisa ubuhlungu?
Omunye uze asho nokusho ukuthi intombi ayikhiwa esihlahleni, yebo impela ngiyavuma kodwa akushiwo ukuthi thatha eyomfowenu.
Ngiyafisa abantu bayeke ukwenza izinto ezingenangqondo nezingadala uqhekeko kubantu ababathandayo, lana ngisho intombi/indoda yomngani wakho, akumele nje usondele kuyo ngoba lowo muntu njengoba umbiza ngomngani wakho kuyafana nokuthi wumfowenu ngoba
uma udinga usizo uyakwazi ukukhala kuyena ezwe bese eyakusiza.
Kumele sigweme ukwenza izinto ezingagcina seziholele ekutheni abantu abasithandayo nathi esibathandayo bagcine besidubile noma bagcine bekhiphe amazwi okuthi abanandaba nathi ngisho kungenzekani.
Asifunde ukulawula imizwa nezinkanuko zethu uma kufuna ukuwela endaweni engafanele. Abanye-ke bakwenza lokhu beqiwe amanzi amponjwana noma bedle izidakamizwa ezithile.
Kuyingozi-ke lokho ngoba kukhomba ukuthi uma weqiwa yizinkamba ugcina usushela intombi yomfowenu.
Kusho ukuthi ngelinye ilanga uyoshela ngisho ingane yakho, ngaphandle-ke uma kuwukuthi vele ubukade umfisa ungakaphuzi kube wukuthi uyasaba kodwa
uma usuphuzile yilapho uthola khona isibindi sokumqonda njengokufa.
Ziningi izintombi emnyango, baningi futhi nobhuti abangakathathi la ngaphandle ngakho-ke asikho isidingo sokuthi ufune ukuyocobhoza lapho kucobhoza khona umuntu wakwenu, igazi lakho.
Asibe nobuntu nokuzihlonipha, uyeke ukuzazi ukuthi wena awunandaba uzicabangele wena wedwa kanye nento efunwa uwena ngaleso sikhathi. Funda ukucabangela umuntu wakwenu umazise umthande.
Asiyeke ukudala inzondo engenasidingo emindenini yethu, siyeke ukuziphathisa okwabantu abakhulele ehlane.
Mina uma umuntu wakwethu ezwa ubuhlungu nami ngiyabuzwa, uma ekhala nami ngiyakhala ngoba owakwethu. Emithanjeni yethu kugijima igazi elilodwa ngaphi-ke uma esezokhaliswa yimina futhi?
Noma ngabe uyazibona ukuthi ungcono kakhulu wena kunengane yakwenu kodwa yona ithola amadoda ayiphatha kahle noma izintombi ezithembekile, qhela nje kubo.
- Elawini likaMaGumede