Ezokungcebeleka

Ezothando: Asisabuzwa ubumnandi uma siya ocansini nesoka lami

ELAWINI LIKA-MAGUMEDE|Published

Umbuzo: Ngingowesifazane

ngilotsholiwe ngaqedwa sekusele ukuthi ngishade, umyeni wami ufuna

ingane ngaphambi

kokuthi sishade kanti nabakubo ngokunjalo basho okufanayo.

Inkinga ukuthi mina nesoka lakudala sake sazama ukuthola ingane kodwa kwangenzeka nokwaphoqa ukuthi siye kodokotela nokuyilapho bafike bangitshela khona ukuthi amathuba okuthi ngibambe angu-3% kuphela.

Manje ngiyasaba ukutshela umyeni ngenxa yovalo lokuthi uzongishiya njengalo wasekuqaleni uma ezwa lezi zindaba.

Sobabili asinayo ingane kodwa manje kubukeka sengathi mina ngeke ngikwazi ukumnikeza, ngididekile angazi noma ngimtshele okanye siqhubeke sizame mhlawumbe ucilo ungathuka uzishaya endukwini, uma ngithi ngiyamtshela iyiphi indlela elungile engingamtshela ngayo?

Impendulo: Ukuba nomtwana kuyisipho esivela kuMdali, odokotela nabo bangabantu kuyenzeka babone ngenye indlela kodwa imiphumela ibe ngokunye.

Udokotela wathi amathuba okukhulelwa kuwe angu-3%, akashongo ukuthi ngeke ukhulelwe. Ungalilahli ithemba.

Anike nizame, nawe udle izinto ezizolekelela ukuvunda kwesibeletho sakho. Uma kwehluleka nizame ongoti, uma bebona ukuthi usekuwo lowo 3% ungayithi vu eyokuthi wake watshelwa phambilini ngalokhu.

Umbuzo: Ngingubaba nje osekhulile, umkami uyisangoma nokudala ukuthi amathwasa angene ephuma la ekhaya futhi imvamisa kugcwala amathwasa esifazane. Inkinga engibhekene nayo ngiyahluleka ukuzibamba ngizithola sengilingeka ngishela amathwasa kwazise asemancane kanti futhi nomkami asisayi ocansini.

Angazi noma ngenziwa yindlala yini noma ngenziwa ukubona abantu besifazane abaningi bephithiza phambi kwami.

Yebo, bakhona engibashela bavume ngoba omunye ngaze ngaya naye ocansini kodwa abanye abavumi kunalokho bavele bathi bazotshela umama, ngingawuyeka kanjani lo mkhuba ngaphambi kokuthi ungifake enkingeni?

Impendulo: Kungcono ngoba uyabona ukuthi le nto oyenzayo ayilungile, angazi ukuthi uyenzelani ngempela ngoba uzoqhatha umkakho namathwasa. Yize umkakho engasavumi nizijabulise ngocansi ngicabanga ukuthi unesizathu salokho futhi ngikholwa ukuthi nawe uyazi ukuthi abantu abanedlozi banemicilikisho kakhulu. Ukushela amathwasa kuyiphutha elikhulu ngempela, ngabe ngiyezwa ukuthi uyaphuma uyoshela ngaphandle yize nakho kungalungile. Iyeke le nto kungaze konakale. Hlala phansi nomkakho umchazele ngendlala ebhokile kuwe.

Umbuzo: Ngiyibhungu ngenza unyaka wokuqala enyuvesi lapha eThekwini, ngithe ngifika ngavele ngaqonywa ubuthaphuthaphu kanti ngizoba nebhadi ngikhulelise osisi ababili kanye kanye.

Ngiyazi ukuthi ngenze iphutha kodwa bengingacabangi ukuthi kungase kwenzeke kanjena.

Mhla ngihamba ekhaya ubaba wangidonsa ngendlebe ukuthi mhla ngakhulelisa ngiyoshiya phansi isikole ngiyosebenza.

Ngiyasaba angazi ngizomtshela kanjani le nto, angazi noma ngimtshele okanye ngithule ngoba uma ngimtshela uzongiyekisa ukufunda.

Nalezi zingane ngeke ngikwazi ukuzifihla ingunaphakade. Ngingaphuma kanjani kulolu bishi?

Impendulo: Akusekho ukuphuma kulolu bishi ungene ungenile futhi uvele ngekhanda.

Ngizwa ngizwelana kakhulu nawe ngoba awukwazi ukuthula nendaba engaka futhi ke emakubo kosisi bazofuna ukufika phela bazobika isisu nokuzophoqa ke ukuthi ushone ekhaya ngoba isisu ngeke basibike enyuvesi.

Kuzokusiza ukuqunga isibindi umazise ubaba wakho ngosukwenzile.

Umbuzo: Ngingowesifazane kunobhuti esengizwane naye isikhathi eside siyabonana noma inini uma sikhumbulene.

Ekuqaleni uthando lwethu beluhamba kahle kakhulu kodwa manje ngibona sengathi asisazwani kahle embhedeni ngoba naye uke wayixoxa le nto esho kona ukuthi ucansi lethu alusafani nasekuqaleni.

Siyathandana impela kodwa hhayi uma sithi siyazijabulisa akusashayi khona ngempela.

Le nto iyangikhathaza ngoba nginovalo lokuthi angase adikibale angishiye. Singenzenjani?

Impendulo: Kungenzeka ukuthi senijwayelene kakhulu kangangoba seniyehluleka ukuqala izinto ezintsha embhedeni.

Ucansi kwezinye izikhathi luyaye lufane nokudla.

Uma udla into eyodwa njalo noma imnandi igcina ingasakujabulisi.

Imfihlo yasekhishini ilele ekutheni ukwazi ukupheka ukudla okumnandi okuhlukile ngaso sonke isikhathi.

Nasembhedeni akumele njalo uhlezi uqhamuka nento eyodwa. Zamani nezitayela ezintsha.

- Elawini likaMaGumede